
U-Elon Musk ugxeka ukuvinjwa kwenkampani yakhe ukusebenza eNingizimu Afrika ngoba “emhlophe”
IDALULE ukuthi inqabe usizo kwabamnyama abebefuna ukuyisiza injinga engeyokuzalwa kuleli kodwa ezinze e-United States, u-Elon Musk.
Lokhu kulandela ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika engayinikanga imvume yokusebenzela kuleli inkampani kaMusk, iSpaceX.
UMusk ubhale ekhasini lakhe le-X ngeSonto wathi uhulumeni WaseNingizimu Afrika awumnikezi imvume yokusebenza kuleli inkampani yakhe ngoba akamnyama.
“INingizimu Afrika ayivumeli iStarlink ukuthi igunyazwe, yize ngazalelwa khona ngoba nje angimnyama!”.
Uthe ulunqabile usizo lwabamnyama abebefuna umlekelela ukuze ajampe imithetho “kube sengathi umuntu omnyama ophethe iStarlink SA” ebiza lokhu ngenkohlakalo. “Inkohlakalo akumele ikhuthazwe noma ngabe yenziwa iluphi uhlanga. Ihlazo kosopolitiki baseNingizimu Afrika”, kusho yena.
UMusk usezame kaningi ukuthi inkampani yakhe isebenzele kuleli kodwa ivinjwa umthetho iBroad-Based Black Economic Empowerment ukuthi i-ICASA ikwazi ukuyigunyaza ukusebenzela eNingizimu Afrika. Ngokombandela wokuthola igunya lokusebenzela kuleli kufanele inkampani iphathwe okungenani u-30% ngabantu abebenganikiwe amathuba phambili, ikakhulu abamnyama.
IStarlink sasithembise ukuhlinzeka nge-internet eshesha kakhulu ezikoleni ezingu-5000 zasemakhaya, isebenzise R500 million ozozuzisa izingane ezingu-2.4 billion njalo ngonyaka futhi isebenzele kwamanye amazwe amabili e-Afrika.
Ngeshwa kuze kube manje iStarlink asikayitholi i-licence yokusebenza ebizwa nge-Electronic Communications License ngoba asikahlangabezani nemigomo ye-ICASA ethinta ubunini benkampani. Iziphathimandla zakuleli zithi lemigomo isebenza kuwo wonke umuntu ukuze kuhlangatshezwe izimiso zokuguqula intuthuko yomnotho efaka wonke umuntu futhi akuliwa noMusk.
