EzosaziwayoIzindaba

U-DJ SABBY UZOKWETHULA UNGQAMBOTHI LWE-PODCAST

UMSAKAZI owenza uhlelo lwasekuseni lwaphakathi nezinsuku ku-Metro FM, i-Best Mornings, uSabelo ‘DJ Sabby’ Mtshali usememezele ukuthi uzokwethula uhlelo lwakhe lwe-podcast maduze nje. U-Sabby othe uzobiza eyakhe i-podcast ngokuthi i-The Best Thing Ever ujoyina uhide losaziwayo bakuleli nabo abanama-podcast ehlukene.

Ufake emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana izikhangiso ze-podcast yakhe athe uzobe enza izingxoxo ezigqugquzelayo kuyona nabantu abaphumelele emikhakheni ehlukene yempilo lapho bezobe bekhuluma ngempilo kanye nokuthi bayizuze kanjani impumelelo yabo.

Isithombe: Luzobukeka kanje uhlelo lwe-podcast ka-DJ Sabby i-The Best Thing Ever

Uthe isiqephu sokuqala sizoqala maduze kanti abalandeli bengamlandela esiteshini sakhe se-YouTube esithi “DJ Sabby” ukuthola ezintsha.

Abakhiqizi nabadidiyeli bohlelo lwe-podcast ka-DJ Sabby i-Rocket TV.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com