
U-AMANDA BLACK UCHITHA IMIBIKO YOKUDLWENGULWA USJAVA
UMCULI wakuleli u-Amanda Black useyichithile imibiko ebisisabalele ezinkundleni zokuxhumana yokuthi wadlwengulwa uJabulani Hadebe odume ngelikaSjava. Lezi zindaba zisabalale okumlilo wequbula ngempelasonto njengoba abantu ezinkundleni zokuxhumana bebefaka iziqeshana lapho obekubukeka sengathi u-Amanda Black obhale khona ngalesi sigameko.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSjava uke wasolwa omunye umculi, u-Lady Zamar ngakho ukumdlwengula. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebezwakalisa ukuthi kungenzeka ukuthi u-Lady Zamar wayeqinisile ngayekusho ngoSjava njengoba sekuvela omunye umculi ngezinsolo ezifanayo.
Kweminye imibhalo ebifakwe obekubonakala sengathi u-Amanda Black, ubethi wadlwengulwa uSjava yize babethandana kodwa ngelanga enza ngalo ucansi naye wayengathandi, futhi wamazisa lokho kodwa waqhubeka.

Isithombe: Impendulo ka-Amanda Black echitha amahlebezi okuthi wadlwengulwa uSjava
Ihlukene nokho imibono ngalolu daba njengoba kunabanye abantu abakholwa ukuthi uSjava uboshelwa amanqina enyathi. “Kodwa-ke mase singadlali, njalo lezi zinsolo ziqala uSjava mayematasa namakhonsathi futhi enza izinto ezinkulu. Mayethule kuyathulakala.
“Mina ngimi noSjava kuze kube u-Amanda Black uphumela obala ngobuqiniso balokhu”, kusho uKingSjwimza S’shebo Samajongosi Nhlabathi ku-Facebook.
Ngemuva kokuphumela obala kuka-Amanda Black aphike lamahlebezi abantu abaningi bazwakalise ukukhathazeka ngabadicilela isithunzi sabanye abantu ngezinto ezingenasisekelo.
