
Seyidlule nabane (4) ingozi yomgwaqo ku-N3 ngase-Bergville
NAKUBA uhulumeni eqhubeka nemikhankaso eqwashisa ngokuphepha emgwaqeni, izingozi nazo ziyaqhubeka isonto nesonto emigwaqeni yakuleli.
Umnyango wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali usanda kubika ngengozi eyenzeke emgwaqeni u-N3 lapho kushayisene khona iloli netekisi ebilayishe abantu ngase-Bergville.
Lo mnyango uthi usuthumele ithimba elizohlonza imindeni yabadlule kule ngozi enyantisa igazi.
Ngesonto eledlule ngawo uMgqibelo, kwenzeke enye ingozi ehlanganisa iloli nemoto encane emgwaqeni u-N2 phakathi kwaseDokodweni naseMatigulu.
Kule ngozi kushone amalungu omndeni owodwa amahlanu (5) azongcwatshwa ngeSonto nomshayeli weloli.
