
Omunye umdlali we-Sundowns ofuna ukushiya
UMDLALI oyibamba maphakathi nenkundla ophinde akwazi nokushoshela phambili uThapelo Maseko ufake isicelo sokukhululwa kwiMamelodi Sundowns ukuze ajoyine elinye iqembu.
Lo mdlali ngenyanga edlule uzwakalise ukungenami ngesimo abhekene naso sokuphendulwa ukudla kwebhentshi.
Ngemuva kombhalo wakhe ku-Instagram uMiguel Cardoso wabuzwa ngekusasa lakhe wathi akayi ndawo.
“Uzobe ekhona ngemuva kokuvalwa kwewindi, uwumdlali wethu”, kusho u-Cardoso.
Muva nje kuvele ukuthi lo mdlal uzimisele ngokushiya eChloorkop, futhi akuyena yedwa.
Inkinga ebhekene neSundowns manje ukuthi isikwati sesinciphile, uma kuhamba abanye abadlali izosala izacile ngoba ngeke ibe naso isikhathi esanele sokusayinisa abadlali abazovala izikhala.
Yingakho ingafuni ukudedela uKhuliso Mudau noPeter Shalulile.
*Lolu daba lucashunwe ezikweni elibhala ezemidlalo iGibela Sport
