
Liqhakazile ikusasa lomdlali wekhilikithi osemncane waseMlazi
NguSihle Msani Mvune
LIBUKEKA liqhakazile ikusasa lomdlali wekhilikithi osemncane waseMlazi eThekwini, uBandile Mbatha (18), ongomunye wabadlali abaqokelwe ukumela iNingizimu Afrika emidlalweni yeNdebe yoMhlaba yabadlali abaneminyaka eyi-19.
UBandile uqale ukudlala ikhilikithi efunda ibanga lesibili (Grade 2) eSukuma Primary School khona eMlazi nokuyilapho egcine ethola umfundaze omthathe wamfundisa e-Glenwood High School, wafike khona wadlala eqenjini lokuqala labafana abaneminyaka engaphansi kuka-16.
Uthole ithuba lokuveza amakhono ehlukene njengoba ekhethwe naseqenjini lebhola lombhoxo kanye nakwelikanobhutshuzwayo.

Esithombeni: UBandile Mbatha eklonyeliswa ngekhono lakhe
khuluma nentatheli yoMkhaya uBandile uthe yize eqale ukuba yingxenye yeqembu leNingizimu Africa efunda ibanga leshumi nanye (Grade 11) nalapho behambele amazwe amaningi ase-Afrika okubalwa, iNambia, Zimbabwe namanye, kodwa ukuthi akhethwe ukuba abe ngomunye wabadlali abazilungiselela ukuba ingxenye yeqembu eliyomela iNingizimu Afrika emidlalweni yomhlaba kuhamba phambili kuyena. Uthe uma ebuka ibanga aselihambile, lapho eqhambuka khona ukhumbula lo mdlalo wekhilikithi unganakiwe kakhulu.
Ukhule ebukela abadlali abafana noKagiso Rabanda noLungi Ngidi abayisibonelo esihle sokuthi noma ngabe usuka kuphi kodwa uma unekhono ungafinyelela noma kuphi. Eminyakeni ezayo ngeke kuthuse ukubona lo mdlali onekhono eliyisimangaliso esedlalela ama-Proteas noma esedlalela elinye lamaqembu amakhulu ekhilikithi.
