
Likhalelwe amasongo kasigonyela iphoyisa elidlwengule ilungu lomndeni walo
LISENKINGENI iphoyisa likamasipala waseTshwane emuva kokuvulelwa icala lokudlwengula isihlobo salo ngesikhathi kunomcimbi womndeni ekhaya lalo elikhona eTshwane.
Udaba lwaleli phoyisa selidluliselwe ophikweni oluphenya amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID).
Okhulumela lolu phiko uPhaladi Shuping uthe lolu daba lubikiwe kubona futhi umsolwa useboshiwe.
“Icala bekumele lihlale enkantolo mhlaka-5 Masingana (January) 2026 kodwa kwangenzeka ngoba umshushisi ubesafuna ukuthola olunye ulwazi, okuphoqe ukuthi lihlehlele olunye usuku.
“Ummangalelwa udedeliwe icala lizoqhubeka mhlaka-19 Masingana”, kusho uShuping.
