Izindaba

Ligcwele amathafa ikhasimende elibhokode unogada ngommese wafa esitolo

AMAPHOYISA aseLimpopo asezithendeni zekhasimende elibhokode unogada ngommese esitolo sokudla eLimpopo ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa u-Colonel Malesela Ledwaba uthe emuva kokwenza uphenyo lwesikhashana bathole unogada abesemsebenzini ngoMgqibelo ngesikhathi eba nengxabano nekhasimende lesilisa okungakazeki ukuthi bebebangani.

“Umsolwa ube esekhopha ummese wabhokoda unogada wase ebaleka”, kusho uCol. Ledwaba.

Uthe unogada uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze nokuyilapho afike washonela khona.

“Umsolwa ongakatholakali namanje sithole ukuthi ufike ngemoto emhlophe i-Toyota Avanza ebingenazo izinombolo. Kwi-bonnet ibinephashana elibhalwe ukuthi “London”

Umkhuzi wamaphoyisa eLimpopo, u-Lt. Gen. Thembi Hadebe usesigxekile isenzo saleli khasimende asibizwe ngobulwane, futhi useyalele amaphoyisa ukuthi amcinge aze amthole umsolwa, aboshwe.

Amaphoyisa aseLimpopo acela noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuthi axhumane nomphenyi wecala u-Sergeant Thabo Oliphant kule nombolo ethi 076 1728 719 noma afonele kwa-Stop Crime ku-08600 10111 noma athinte amaphoyisa asesiteshini esiseduze kwakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com