
Ligaxele iphoyisa elingusopolitiki uMkhwanazi ethi alixoshwe
KULISHUBELE iphoyisa elingu-constable elibonakale lidlubhe ezeqembu lepolitiki njengoba umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi eseyalele umkhuzi wamaphoyisa esifundeni sase-King Cetshwayo ukuthi alimise emsebenzini.
Leli phoyisa elisebenzela esiteshini saseNtambanana kubikwa ukuthi liyilungu eliqavile leqembu lepolitiki elingadalulwanga.
Liphinde libe nenkampani yonogada ebhalise ngaphansi kwe-Privare Security Industry Regulatory Authority (PSIRA).
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Colonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi akuvumelekile ngokomthetho olawula kwamaphoyisa, i-South African Police Service Act ukuthi iphoyisa libe mdibi nezepolitiki.
“Ukhomishane wamaphoyisa esifundazweni usazoxhumana nabakwa-PSIRA ukuze aphenye izinsolo zokuthi leli phoyisa linenkampani yonogada eyenza i-VIP Protection kweminye imisebenzi eyenzayo.
“Amaphoyisa awavumelekile ukuzibandakanya nezinkampani zonogada, utshwala noma ematekisini. Umphakathi uyacelwa ukuthi ubike onke amaphoyisa azimatanisa nalamabhizinisi ngoba amelene nobuqotho bamaphoyisa”, kusho uNetshiunda.
