
Kuvele igama likaZuma ngolwezinkabi ezabulala ikhansela le-ANC eMandeni
UMSHUSHISI omkhulu, u-Adv. Lawrence Gcaba udalule ubufakazi obushaqisayo enkantolo, i-Howick Magistrate’s Court ngoMsombuluko ecaleni elibhekene neNkosi yesizwe sakwaNxamalala eMpendle, uSimphiwe Zuma.
USimphiwe Zuma ubhekene necala lokuhlela itulo lokubulala owayeyikhansela le-DA kumasipala waseMngeni, uMnuz. Nhlalayenza Ndlovu.
Leli cala livele laphenduka elo mndeni wakwaZuma ngesikhathi u-Adv. Gcaba etshela inkantolo ukuthi uMnuz. Khulubuse Zuma noMnuz. Thobani Zuma bobabili babambe iqhaza emacaleni adlule athinta iNkosi Simphiwe Zuma.
“Ecaleni lokubulawa kukandunankulu wesizwe sakwaNxamalala uQalokwakhe Zuma, uKhulubuse Zuma kusolwa ukuthi wazama ukubulala ufakazi ngoshevu ehlangene neNkosi uZuma. UThobani Zuma, oyilungu lesishayamthetho loMkhonto WeSizwe KwaZulu-Natal, kuthiwa waba nesandla ekwakheni itulo lokugwazela imantshi ngo-R200 000 ukuze ikhulule iNkosi uZuma esitokisini,” kusho uGcaba.
Ubuye wengeza ngokuthi abaphenyi bayaphenya ukuthi iNkosi uZuma yadedelwa kanjani nge-bail ka-R25 000 ngaphambilini, eyayithola ngesitatimende asibize “ngesitatimende sokusekela esintekenteke”.
UGcaba uphinde waveza ukuthi iNkosi Simphiwe Zuma ihlezi ixhumana nezinkabi ezithinteka ecaleni lokubulawa kwamakhansela e-ANC eMandeni, okubalwa noMnuz. Phendukani Mabhida, owayelwisana nenkohlakalo.
UMabhida wayeyikhansela ku-ward 18, wadutshulwa mhlaka-4 Nhlolanja (February) 2025 kunguLwesibili ngabo-19:30 ebusuku.
Ngokobufakazi uNdlovu owayeyikhansela nosotswebhu we-DA uxabane neNkosi Simphiwe Zuma kubangwa izimali zomphakathi kanye nengxenye ethile yomhlaba oseMpophomeni ngase-Howick.
UZuma utshele izakhamizi ukuthi azikhiphe imali yokuthenga i-transformer kagesi. UNdlovu wasiphikisa lesi senzo, waxwayisa ngokuthi ngumasipala kuphela ongahlinzeka ngogesi ngokusemthethweni.

Esithombeni: INkosi Simphiwe Zuma neboshwe nabo ngokubulawa kukaNhlalayenza Ndlovu we-DA
I-transformer yagcina ithengiwe yafakwe, kodwa indlu kaNdlovu kayifakwanga. Kamuva, u-Eskom kanye nomasipala bayinqamula i-transformer. UZuma nozakwabo kuthiwa basola uNdlovu ngokunqanyulwa kwayo, kwathi ngemuva kwamasonto wabulawa.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko ozayo lapho kuzobe kuqhubeka khona isicelo se-se-bail.
*Umthombo: ScrollaAfrica
