Izindaba

Kuvalwe I-Havana Yodumo Lobumnandi EThekwini

ABAPHATHI bendawo yobumnandi iHavana Music Lounge sebekhiphe isitatimende bememezela ukuthi lendawo endala eThekwini iyavala. Lendawo esenkabeni yedolobha emgwaqeni u-Monty Naicker idume ngokuheha abantu abathanda isitayela nosaziwayo. Ike yaphathwa ngumsakazi weMetro FM u-Ishmael Abrahams owagqama emsakazweni eseku P4 Radio eseyaba iGagasi FM. Esitatimendeni akuchazwangwa ukuthi iHavana izothuthela kwenye indawo noma sekuwukuphela kwayo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com