EZISEMATHENIIzindaba

Kusolwa ukubhonculwa koxhaso lwe-NSFAS kumfundi ozibulele e-DUT

NGOKUSHO komholi wabafundi e-Durban University of Technology (DUT) kungenzeka ukuthi ukubhonculwa koxhaso aluthola esikhwameni sikahulumeni sokuxhasa abafundi, i-NSFAS yikho okuholele ekuzibulaleni komfundi wakulesi sikhungo.

Lo mfundi wesilisa igama lakhe eligodliwe kuze kwaziswe umndeni uzithanqaze esuka ebhilidini lesihlanu (5) e-Steve Biko campus eThekwini ngoLwesibili.

Kwi-video eqoshwe ngomunye wabafundi, lona ozibulele uvela ephakamisa isandla njengomuntu ofuna usizo, ube esemoyizela wabe esezithanqaza wafike wafela khona lapho phansi.

Uyezwakala lomfundi oqophe i-video ememeza abebeseduze kwakhe, ethi kungenzeka ukuthi uyazidlalela ngeke azithanqaze. Emuva kwesikhashana ugxumele phansi wafike wafa ujuqu kwabe sekusuka isidumo abanye abafundi beyombheka.

Umholi wabafundi okhulume ne-Sunday World uthe ngaphambi kokuzibulala lomfundi uke wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngokubhonculwa koxhaso lwe-NSFAS nobekusho ukuthi kufanele akhansele izifundo abuyele ekhaya.

“Sikholwa ukuthi izinkinga zakhe ziqale lapho, ngesikhathi kukhanselwa uxhaso lwe-NSFAS emuva kwezinkinga ezibe khona ngesikhathi ebhalisa.”, kusho lomfundi ongathandanga ukwaziwa.

I-university ikuqinisekisile ukufa kwalomfundi, yacela abafundi ukuthi behlise umoya amaphoyisa ayaluphenya lolu daba.

“Siyazi ngemibiko esisabalele ezinkundleni zokuxhumana mayelana nalesi sigameko. Siyacela ukuba nihloniphe ningasabalalisi ulwazi olungaqinisekisiwe. Amaphoyisa e-SAPS ayaluphenya loludaba”, kusho i-memo ebibhalelwe abafundi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com