
Kushone 2 wezingane, ezingu 5 zaphuthunyiswa esibhedlela emuva kokudla ama-chips anobuthi
UMNYANGO wezempilo esifundazweni e-Eastern Cape ukhiphe isitatimende ngoMgqibelo, mhlaka-7 Nhlolanja (February) 2026 uqinisekisa imibiko yokushona kwezingane ezimbili (2) kwathi ezinye ezinhlanu (5) zaphuthunyiswa esibhedlela emuva kokudla ama-chips anobuthi ndawonye.
Kulesitatimende umnyango uthe izingane eziyisithupha (6) zaseMsintsi ngase-Berlini neyodwa (1) yaseMdantshane ziphuthunyiswa esibhedlela, i-Cecilia Makiwane Hospital zigula kanzima. Kubikwa ukuthi bezixinwe kakhulu ukuphalaza, ukuhuda futhi zinambuzela.
“Ngeshwa ezimbili kuzo ziphangelele nakubo ithimba ladokotela nabahlengikazi lizame lonke ukubahlenga. Abanye abahlanu bangaphansi kweso lokhozi njengoba isimo siqashwe ubusuku nemini.
Oyedwa uthathiwe wayiswa e-Frere Hospital ukuze athole ukuxilongwa okuthe taxation ngoba isimo sakhe sibi kakhulu”, kusho isitatimende.
Siqhubek sathi: “Ulwazi esiluthole kubazali ukuthi abantwaba abayisithupha bebedlala ngesikhathi nethenga ama-chips esitolo, abanele bawadla baqalwa ukugula. Umntwana uyedwa waseMdantshane akuqondakali ukuthi kwenzekeni kuyena. Kulesigaba akukatholakali ukuthi ngabe buthi buni obekulama-chips”.
Umnyango uthe usumi ngothi ukubhekana nezinye izigameko okungenzeka zibikwe.
“Uphiko olubhekele ukuhlola ezemvelo esifundeni selutshalwe kule ndawo okwenzeke kuyo isigameko ukuze luhlonze ukuthi ngabe kuqhamukephi ubuthi. Umnyango ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini yabalahlekelwe futhi uzonika nosizo lokwelulekwa kwabathintekile”, kuphetha isitatimende.
