EZOMPHAKATHIIzindaba

KUNIKELWE NGOSIZO LWESAKHIWO NAMANZI ANGENAMKHAWULO EKHWEZI WELFARE CENTRE ESUNDUMBILI

IMEYA yomkhandlu waseMandeni, ikhansela uMnuz. Thabani Mdlalose ibe ingxenye yomcimbi wokudluliselwa ngokusemthethweni isakhiwo sokuhlala eKhwezi Welfare Centre kanye ne-borehole ezophakela lendawo ngamanzi angenamkhawulo. Njengengxenye, yosuku, imeya idlulise amazwi okweseka lesi sikhungo kanye nokuncoma umsebenzi omuhle esiwenzayo.

Isithombe: Igumbi okunikelwe ngalo abe-Spar Renckens eKhwezi Welfare Centre

“Siyabonga kakhulu umsebenzi owenziwayo kulesisikhungo, sibonga kahulu labo abakubonayo ukubaluleka kwaso emphakathini belule nesandla ukuqinisekisa ukuthi iminyango ihlala ivuliwe”

“Siyanxusa nezinye izinhlaka ukuthi zisondele ukuzolekelela. Njengomasipala waseMandeni, izandla zethu zihlale zivulelekile ukusebenzisana kanye nokuxhasa imibono ephucula izimpilo zabantu bakithi”

Isithombe: Igumbi okunikelwe ngalo abe-Spar Renckens eKhwezi Welfare Centre

Abaxhasi balezinsiza ngabakwa-Renckens Superspar abanikele ngegumbi kanye nebhange i-African Bank abanikele nge-solar powered borehole.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com