EZISEMATHENIIzindaba

Kungena osukwini lwesibili ukumba endaweni ekhonjwe umthandazi ukuthi kwagqitshwa owanyamalala ebalekela amaphoyisa

AWUKALILAHLI ithemba umndeni kaSiyabonga Vilakazi waseMnambithi eRooi njengoba namanje usamba endaweni ekhonjwe wumthandazi njengendawo la kwagqitshwa khona umzimba wakhe.

USiyabonga wanyamalala ngonyaka odlule ngoMbasa (April) lapho agcina ukubonakala ethathwe ngumseshi wamaphoyisa kanye nomalume ayekade exabane naye, akaphindanga wabonakala.

Ngokusho kwamaphoyisa athi wabaleka ngaphambi kokufika esiteshini samaphoyisa waye wayoziphosa emfuleni.

Esithombeni: Amalungu omphakathi asamba namanje endaweni ekhonjwe umthandazi ukuthi kwagqitshwa kuyona uSiyabonga Vilakazi e-Klipdrift River

Umphakathi kanye nomndeni bazama izikhawu eziningi ukuthola ngokwenzeka kodwa kwagcina kungavelanga ukuthi kwenzakalani ngaye.

Muva nje, kusanda kutholakala izimpahla ayezigqokile eduze nomfula i-Klipriver. Emuva kokuya kwababonayo, umthandazi wathi ugqitshwe khona ngaphansi kwebhuloho lalomfula.

Ukumba ilokhu kuqale izolo (ngoMsombuluko), njengoba kusaqhubeka nanamuhla kodwa akukatholakali lutho.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com