EZEMISAKAZOIzindaba

Kudideke abalaleli iJozi FM imemezela umnikazi womunye umsakazo njengomsakazi wayo

ABATHANDI bomsakazo kuleli badidekile ngemuva kokuba omunye wabasunguli bomsakazo ozinze eQwaqwa, e-Free State emenyezelwa njengomsakazi kwesinye isiteshi.

Lokhu kulandela ukuthi umsakazo iJozi FM umemezele izinhlelo ezintsha. Kubasakazi abamenyezelwe kubalwa noNkunyana “DJ Skuzabell” Nkunyana wodumo kwiLesedi FM kanye nomsunguli we-Beezy FM.

Esithombeni: Isikhangiso sohlelo luka-DJ Skuzabell oluthi Ghetto Radio kuJozi FM

USkuzabell umenyezelwe njengomethuli omusha wohlelo oluzongena phakathi kuka-12:00 emini no 15:00 ntambama i-Ghetto Radio kwiJozi FM phakathi nezinsuku.

Okudida abathandi bomsakazo ukuthi lomsakazi wenza uhlelo olufanayo nakulomsakazo wakhe.

Ngapha kwi-Beezy FM asikho isimemezelo esithi lona usehoxile kulomsakazo.

Izinhlelo ezintsha zeJozi FM ziqale ngoMsombuluko. Ohlwini lwaphakathi nezinsuku abasakazi abagqamile nguyena uDJ Skuzabell kanye no Thuso “Queen Tee” Ramaqele ovale isikhala sika-Penny Ntuli.

*Lolu daba luke labhalwa Umsakazo.co.za

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com