
Kubuye ithemba kungena uMalema kwelizophenya izinsolo zikaMkhwanazi ephalamende
ABANTU bakuleli bezwakalise ukuba nethemba ngokungena komholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema ekomitini lesikhashana lephalamende elizophenya izinsolo ezenziwe umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ngobengungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz. Senzo Mchunu.
Leli komiti lisungulwe emuva kokuba uMkhwanazi ebize isithangami sabezindaba lapho azise khona izintatheli ngokungcola okwenzeka embuthweni wamaphoyisa nangokungenelela kukaMchunu umsebenzi wawo.
Amaqembu ehlukene ephalamende athumele amalungu awo azowamela kuleli komiti.

Esithombeni: Amalungu amaqembu ehlukene ekomiti lephalamende elizophenya izinsolo zika-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi
Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu unikwe ikhefu emuva kwesithangami sabezindaba lapho uMkhwanazi, kube sekuqokwa ungqongqoshe ozobamba lesi sikhundla kusukela ngomhlaka-1 Ncwaba (August) 2025, uSolwazi Firoz Cachalia.
UMalema usezwakalise kaningi ukuthi uyameseka uMkhwanazi futhi usanda kuthi iqembu lakhe lingamnikeza isikhundla uma kwenzeka emiswa emaphoyiseni. Ukungena kwakhe kuleli komiti kususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, abantu abaningi bezwakalisa ukujabula nokulethemba. Bebethi lokhu kuzokwenza umsebenzi walo wethenjwe futhi lizokwazi ukumbula izinqe inkohlakalo eyenzeka embuthweni we-SAPS.
Leli komiti linikezwe umsebenzi wokungena lijule futhi liphenyae kabanzi ngezinsolo zikaMkhwanazi bese libika ngelikutholile ekupheleni kukaMfumfu (October) 2025.
