Izindaba

KUBULAWE IPHOYISA EBELISIZA UMAKHELWANE OBEHLASELWA ESIKHALENI

KUDUTSHULWE kwafa iphoyisa laseMpangeni, u-Captain. Mandla Clerment Khubisa, odutshulwe ngesikhathi ezama ukusiza umakhelwane wakhe obehlaselwa izigebengu ezingaziwa eSikhaleni ngoMgqibelo ebusuku.

Kulesi sigameko kulimale kanzima nonkosikazi walo iphoyisa okumanje ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Oyedwa wezigilamkhuba ushone endaweni yesigameko, ezimbili zazo zibe seziboshwa ngamaphoyisa ngemuva kokutholakala nomakhalekhikhwini bokuntshontswa kanye nesibhamu sephoyisa.

Iphoyisa elifile lichazwe njengomuntu obenenhliziyo enhle.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com