
Kuboshwe umshushisi ngokusebenza ngeziqu zomkokotelo
UBOSHWE engazelele umshushisi, uLuthando Nomandindi obesebenzela ehhovisi le-National Prosecuting Authority (NPA) elise-Eastern Cape emuva kokutholakala ukuthi unike loluphiko lwabashushisi ulwazi olungamanga ngeziqu zakhe ukuze akhushulelwe esikhundleni.
UNomandindi uboshwe ngoLwesibili, mhlaka-22 Ntulikazi (July) 2025 uphiko lwe-Hawks’ Serious Commercial Crimes Investigation (SCCI) ngokubambisana ne-NPA, wavela enkantolo, iMthatha Specialised Commercial Crimes Court ngalo lolu suku ngamacala enkohlakalo, ukukokotela, nokuqamba amanga.
Kubikwa ukuthi uNomandindi ubhalise ukwenza i-degree kwi-Bachelor of Laws (LLB) e-Walter Sisulu University (WSU) ngoMasingana (January) 2010 nangoZibandlela (December) 2016 kodwa wangakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zokubhalisela lezifundo kule-university. Kube sekuthi ngo-2020 wanika i-NPA iziqu ezikokoteliwe ze-degree ye-LLB nesitifiketi esikokoteliwe sokuthamela i-Legal Education and Department (LEAD) ngesikhathi efaka isicelo sokuqeqeshwa ohlelweni lwe-NPA olubizwa nge-Aspirant Prosecutor Programme – okuwuhlelo oludinga umuntu one-LLB noma owenza unyaka wokugcina kulezifundo.
NgoMasingana (January) 2021, uNomandindi ube eseqokelwa esikhundleni sokuba i-Aspirant Prosecutor, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wakhushulelwa esikhundleni sokuba i-Public Prosecutor.
Ngesikhathi kuqhubeka leli cala kuvele ukuthi uke wazama ukufaka isicelo somsebenzi wokuba i-Regional Court Prosecutor esebenzisa zona lezi ziqu zomkokotelo, ngenhlanhla wabizwa kwinhlolakhono yalo msebenzi.
Ngesikhathi i-NPA icela uNomandindi ukuthi ayinike iziqu eziwunqo ezikhishwe e-university ukuze kuqedelwe imicilikisho yokungena esikhundleni ngokuphelele, uvele wesula emsebenzini ngomhlaka-15 Mbasa (March) 2025. Emuva kokwesula kwakhe kube sekutholakala izinto eziningi ezingahlangani ngeziqu zakhe, okwenze i-NPA yayalela ama-Hawks ukuthi asungule uphenyo.
Ama-Hawks akuqinisekisile ukuthi i-WSU ayikaze inikeze iziqu ze-degree ye-LLB kuNomandindi, futhi isitifiketi sokuthamela uhlelo lwe-LEAD akaze asinikwe njengoba wayengayikhokhile yonke imali eyayidingeka. Ngokukhohlisa i-NPA igcine imkholela imali engu-R1.1 million womholo awuthole ngesikhathi eqashwe ngokukhohlakala.
Inkantolo imnike i-bail ka-R5000, wabe esededelwa. Icala lihlehlele umhlaka-18 Ncwaba (August) 2025.
