
Kuboshwe umfana ona-14 ngokufa komuntu e-Cape Town
AMAPHOYISA abophe umfana oneminyaka eyishumi nane (14) ngecala lokufa kowesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) nengane yentombazane eneminyaka emine (4) e-Saxonsea, e-Atlantis eCape Town.
Okhulumela amaphoyisa akuleyandawo, u-Malcom Pojie uthe umufi ubesendleleni eya entombini yakhe ngoLwesithathu, ube esemiswa umsolwa wamdubula ezinyaweni nasekhanda wafela khona lapho.
Uthe ngesikhathi izinhlamvu zindiza emoyeni ingane ibe isidubuleka esiswini.
“Ingane iphuthunyiswe e-Red Cross Hospital isesimeni esibucayi kodwa esethembisayo. Kube sekuboshwa umsolwa oneminyaka eyishumi nane (14) ovele enkantolo e-Atlantis Magistrate’s Court futhi wanganikwa i-bail”, kusho u-Pojie.
