
Kubashubele abahlasele amalungu (3) ephalamende ngoLwesibili
UMKHUZI omkhulu wamaphoyisa e-SAPS kuleli, u-General Fanie Masemola usekhiphe umyalelo ophuthumayo kukhomishane wamaphoyisa esifundazweni sase-Western Cape, u-Col. Gen. (Adv.) T. Patekile ukuthi ajube uphiko lwe-Provincial Serious Violent Crime (PSVC) ukuthi luphenye ngokujulile isehlakalo lapho kuhlaselwe khona amalungu ephalamende amathathu (3) angamalungu e-DA, ngoLwesibili ntambama e-Philippi, e-Cape Town.
Ngokwemibiko yabezindaba laba bobawu-3 bebephuma emsebenzi wabo wokwelusa umsebenzi kahulumeni eduze kwesikhungo sokuqeqesha amaphoyisa.
Amalungu ephalamende ahlaseliwe o-Ian Cameron – ongusihlalo wekomiti lamaphoyisa ephalamende, Lisa-Maré Schickerling no Nicholas Gotsell.
U-Gen. Masemola uncome kakhulu amaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla okuholele ekutheni asheshe abophe umsolwa oyedwa (1) oneminyaka eyishumi nesikhombisa (17) ngoLwesibili ebusuku. Lo msolwa otholwe elimele njengoba ethinteke kabi ngesikhathi behlasela amalungu ephalamende uboshwe esesikhungweni sezempilo e-Lentegeur.
Njengamanje ungaphansi kweso lokhozi lapho eqashwe khona amaphoyisa ubusuku nemini esibhedlela.
Egxeka lesi senzo u-Gen. Masemola uthe: “Lobugebengu obebuqondiswe kumalungu ephalamende, kuwukuhlaselwa ngqo kokuphepha komphakathi futhi ngeke sikubekezelele.
“Sithumela umyalezo kubo bonke abazimatanisa nobugebengu obuhleliwe, obunodlame nobujule njengalobu ukuthi amaphoyisa atshale izinsiza ezifanele ukuqinisekisa ukuthi izigebengu ziyabanjwa futhi zivalelwa ekhulukuthu ukuze zibhekane nomthetho”.
Ugcizelele ukuthi ukugcinwa kwemiphakathi ephephile nokugxilisa ukuthenjwa osomabhizinisi yinto abayibeke phambili njengombutho wamaphoyisa.
Ube esenxusa amalungu omphakathi ukuba asebenzisane namaphoyisa ngokuthi adlulise kuwo ulwazi oluthembekile futhi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa abasagcwele amathafa.
Uphethe ngokuthi ubugebengu obunobudlova obuhlasele izindawo zase-Cape Town kubhekwe ngeso elibukhali futhi kusetshenziswa amaqhinga aholwa ezobunhloli ukulwa nabo.
