Izindaba

Isinde ngokulambisa indoda ezithanqaze ebhulohweni eliku-N2 eMhlanga

ILIMELE kanzima indoda ezithanqaze emgwaqeni u-N2 isuka ebhulohweni elingu-23 meters ukuya phezulu eliwela izimoto ezibheke ko-Mt. Egdecombe ngaphezu kwalo mgwaqo ngoMgibelo ekuseni.

Abashayeli bezimoto babhekane nengwadla bezama ukuvika lendoda ebisengcupheni yokugaywa zimoto.

Esithombeni: Lapha bese kufike abosizo oluphuthumayo ukuzotakula indoda ezithanqaze ku-N2

Abashayeli abayibonile lendoda isazama ukukotela kuleli bhuluho bafonele abezimo eziphuthumayo abafike isiyinyandana emgwaqeni bazama ukuyihlenga khona endaweni yesigameko. Ibilimele kanzima engalweni nasekhanda yaphuthunyiswa esibhedlela esiseduze.

Kutholakale kuyona umazisi wayo. Nokho akukaziwa ukuthi yini eyifinyelelise kulesi sinqumo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com