EZEMIDLALOIzindaba

Ishoshela kowamanqamu e-CHAN iKenya eholwa uBenny McCarthy

IQEMBU lesizwe laseKenya eliholwa umqeqeshi wakuleli, uBenny McCarthy lingelinye ladlulele emzuliswaneni olandelayo kowandulela amanqamu kumncintiswano webhola omkhulu e-Afrika, i-African Nations Championship (CHAN) emuva kokwehlula iZambia ngeSonto ntambama.

Leli qembu liye kulo mdlalo lizihola phambii ku-group A emuva kokudla i-Morocco ngegoli elilodwa eqandeni (1-0). IZambia yona ibisidlalela ukubamba isithunzi njengoba bese kucacile ukuthi iphumile kulo mncintiswano.

Esiwombeni sokuqala bezithengana, ingekho efuna ukugoba uphondo. Nokho bekubonakala ukuthi iqembu lika-McCarthy libukhali futhi lihlelekile.

Emuva kokuba umdlalo ushintshe lingekho iqembu elifake igoli, kuthe ngomzuzu wamashumi ayisikhombisa nanhlanu (75) u-Ryan Ogam wavalela phakathi igoli lakhe lesibili kulo mncintiswano.

IKenya igcine iwunqoba ngalo leli goli umdlalo, okuyenze yaqhwakela kuleli qoqo layo lesigaba samaqembu ayisishiyagalombili (Top 8) abebanga ebelineZambia, Morocco ne-DR Congo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com