EZOMPHAKATHIIzindaba

I-WOOLWORTHS INIKELE NGOKUDLA KUKA-R816M KWABASWELE

EMIZAMENI yokulwa nenkinga yokuntula emiphakathini kanye nokugwema ukuchitha ukudla, isitolo segrosa i-Wollworths sinikela ngezijumbane zokudla ezingu-56 million kubantu abangathathi ndawo ezweni lonke.

Babalelwa ku-16.3 million abantu baseNingizimu Afrika ababhuqwa indlala usuku nosuku. I-Woolworths ithathe isinyathelo sokunikela ngokudla okungabiza u-R816 million ngonyaka odlule wezimali.

Isithombe: Izijumbane zokudla zinikelwe isitolo sakwa-Woolworths kwabaswele ngonyaka odlule wezimali

Lesi sitolo sithi lokhu sikwenza sibambisene ne-FoodForward SA, ukuze sibe ingxenye yokulwa nendlala kanti ngakolunye uhlangothi kube kugwenywa inkinga yokuchithwa kokudla ngoba sekubolile.

INingizimu Afrika ichitha amathani okudla abalelwa ku-10 million njalo ngonyaka, nobekuyinkinga enkulu njengoba bebangaka abantu abanganikezwa khona kungakonakali.

I-Woolworths isanda kukleliswa endaweni yeshumi nesikhombisa (17) nezitolo ezithenjwayo emhlabeni kwezingamashumi amahlanu nambili (52) ebincintisana nazo. Muva nje isanda kuklonyeliswa yi-Brand Africa ngendondo ye-Most Admired Brand. Lendondo iyithole ngegalelo layo lokunakekela umhlaba, abantu kanye nemvelo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com