Izindaba

I-SIU ithi iphethe ubufakazi obuqanda ikhanda ngamacala ezogojela ngawo uZweli Mkhize

ISIZWAKALISE ukuzethemba ngobufakazi obusha esibuye nabo i-Special Investigating Unit (SIU) njengoba ithi noma kanjani uya ezikhindini obengungqongqoshe kuleli, uMnuz. Zweli Mkhize nayesebenzisana nabo.

Lobu fakazi obusha obuhlanganiswe ngosizo kwenkampani, i-PriceWaterhouseCooperrs baqinisekiswa i-Special Tribunal sebulungele ukwethulwa enkantolo.

Kubo kuvela ukuthi kunama-tender amabili abiza ngaphezu kuka-R150 million anikwa inkampani i-Digital Vibes ngomsebenzi wokwazisa nge-National Health insurance (NHI) ne Covid 19.

I-SIU isola ukuthi lama-tender akhishwa ngendlela enobugebengu futhi izimali bezifakwa ezinkampanini ezehlukene ukuze kuzuze unkosikazi kaMkhize, indodana kanye nabangani bakhe.

Ingu-R11.5 million imali okusolwa ukuthi yaphuma emnyangweni kungafanele.

Okhulumela i-SIU, uMnuz. Kaizer Kga­nyago uthe ubufakazi obusha budalula inkohlakalo yokushintshiselana ngemali nokuzinothisa ngendlela engalungile. “Yize ezinye izinkampani ezithintekayo seziyikhokhile ingxenye ethile yemali kodwa i-Tribunal inqume ukuthi ukukhokha lemali akuliqedi icala ngaphansi komthetho i-Prevention of Organised Crime Act”, kusho uKganyago.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com