
I-SABC 1 nezinhlelo eziqhakambisa ithalente labesifazane abakwezemidlalo nobuciko
ISITESHI sikamabonakude, i-SABC 1 ibambisene nomnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko kuzwelonke bazotshengisa izinhlelo okuhloswe ngazo ithalente labesifazane kwezemidlalo nezobuciko.
Lezi nhlelo zizobonakala kusukela ngempelasonto esiya kuyo nge-National Arts and Culture Awards (NACA) ngoMgqibelo ngehora lesishiyagalombili (20:00) ebusuku. Lo mcimbi wezindondo uzobe uhlonipha ababhali, abalingisi, abadwebi nabathungi bezimpahla zokugqoka namasiko.
Abaphathi bohlelo kuzobe kunguKatlego Maboe no Tracey Lange, bese uZola Nombona noPalesa Mosiea bona babe ku-Red Carpet lapho abazobe bekhuluma khona nezicukuthwane ezizohambela lomcimbi wokuzigqaja ngamasiko nobuciko.
Kuzobe sekuthi ngeSonto ngalo futhi ihora lesishiyagalombili (20:00) ebusuku kuzoboniswa ama-South African Sports Awards anesiqubulo esithi “Unsung Greatness: A Nation That Works For All”.
Lo mcimbi wezindondo akuwona owokuhlonipha abadlali bemidlalo ehlukene kuphela kodwa uzophinde uhloniphe namaqhawe abesekayo zonke izinsuku – kubalwa abaqeqeshi, abazali namavolontiya.
Abaphathi bohlelo kuzobe kunguZanele Potelwa no Jerome “Slim” Du Plooy bese kuthi u-Ryle de Morny noNqobile Kwezi babe ku-Red Carpet.
