EzosaziwayoIzindaba

I-NPA isikaza ukumshaya ngoswazi oluncane uNambitha Mpulwana ngecala lokuntshontsha

UMLINGISI ohlonishwayo kuleli, uNambitha Mpulwana ulinde umphumela wesinqumo se-National Prosecuting Authority (NPA) mayelana necala abhekene nalo lokweba isiqholo zokugcoba esitolo esise-Randburg, enyakatho yeGoli ngonyaka odlule.

UMpulwana oselingise emidlalweni eminingi emikhulu eNingizimu Afrika, waboshwa wabekwa icala lokuntshontsha i-lipstick ebiza R160 kwa Dis-Chem ose-Ferndale Mall. Waboshwa amaphoyisa asesiteshini sakhona e-Randburg nokho waphika ukuthi ubentshontsha kodwa wathi kube nokungaqondi wase ekhishwa nge-bail ka-R1000.

I-NPA icubungula isicelo sokuliguqula leli cala, esikhundleni sokuthi liye enkantolo, lishintshwe kube uhlelo lokuhlunyeleliswa okungaholela ekutheni udaba luxazululwe ngaphandle kokuqula icala okujwayelekile.

Okhulumela i-NPA eGauteng, uPhindi Mjonondwane ukuqinisekisile ukuthi ukuqulwa kweqala kumisiwe ukuze uMpulwana abe ingxenye yohlelo, oluzohlanganisa ukululekwa, ukusebenzela umphakathi nezinye izinhlelo zokuqondiswa.

Okuzokwenzeka kulolu hlelo lokunyeleliswa ikhona okuzocacisa ukuthi uMpulwana kufanele yini aqhubeke nokuquliswa icala noma udaba luvalwe ngokuphelele. Abasebenzi be-NPA bathe isinqumo sokugcina sizothathwa uma seziphothulwe zonke izimfuno ezidingekayo futhi uma i-NPA isisicibungule kahle umbiko wokugcina.

Abameli bakaMpulwana abakaphawuli ngokuqhubekayo kuleli cala

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com