
I-EFF ne SACP bazokwakha isakhiwo esizovikela okwahlonyulwa izwe sekungene uhulumeni wentando yeningi
ABAHOLI bamaqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) ne South Africa Communist Party (SACP) bebevalelene emhlanganweni oyinguyazana wokwakha ubudlelwane nokwakha izinhlelo zenkomfa ezodingidinga ezithinta umzabalazo wabampofu ebizwa nge-Conference of the Left.
Ithimba le SACP beliholwa unobhala jikelele wayo, uMnuz. Solly Mapaila nesekela lakhe uMnuz. Madala Masuku. I-EFF ibiholwa umengameli wayo, uMnuz. Julius Malema nonobhala jikelele uMnuz. Marshall Dlamini.
Ngokwesitatimende esikhishwe ilezinhlangano ngokuhlanganyela emuva kwalomhlangano, inhloso yawo bekuwukwakha kabusha ubudlelwane bazo nokuhlela inkomfa yezinhlangano ezinemibono efana neyazo.
Le-Conference of the Left yaba isiphakamiso se-SACP ngoMasingana nonyaka, njengoba inombono wokuhlanganisa ndawonye izinhlangano zepolitiki, ezomphakathi nezabasebenzi ukwakha amasu okuthuthukisa umnotho. Emhlanganweni obungoMsombuluko kwakhiwe isakhiwo esizosebenza ngokuhlanganyela ukuqhamuka nezinhlelo zokuthi kungavikelwa kanjani okutholakale emuva kokuzuzwa kwentando yeningi kuleli. Kugxilwe kakhulu ekuzimeleni kwezamandla (energy sovereignty), ukuzuza ngezokumbiwa (minerals beneficiation) kanye nokuguqulwa kwamabhange (banking reforms).
Lezingxoxo zenzeka ngaphansi kwesimo esishintshile sepolitiki eNingizimu Afrika emuva kokulahlekelwa okumangalisayo amavoti kwe-African National Congress (ANC) ngokhetho lwangoNhlaba (May) 2024. Lokhu kuyiphoqe ukuthi yakhe uhulumeni wokubambisana nezimbangi zayo ezinkulu, i-Democratic Alliance (DA) eyaziwayo ukuthi imele izimfuno zongxiwankulu, kanye namanye amaqembu amancane okuhlanganisa ne-Inkatha Freedom Party (IFP).
I-SACP eyidlelandawonye ne-ANC yakuzwakalisa zisuka nje ukuthi ayihambisani nokwakhiwa kukahulumeni ozophathwa ne-DA. Igcine ithatha isinqumo sokuthi izongenela umbango wamakhansela ngokuzimela okhethweni lukahulumeni wasekhaya oluzayo. Okusho ukuthi izobe ibangisana nayo i-ANC.

Esithombeni: Abaholi be-EFF ne SACP
Lo mnhlangano bawuchaze njengesiqalo sokwakha udonga lokukhosela abampofu eNingizimu Afrika. Njengoba i-ANC isiphethe ngokubambisana nabamele izimfuno zongxiwankulu, izinhlangano zabamnyama zibheka izindlela ezintsha zokunika abavoti abayiningi kuleli lokhu abakufunayo nokwakha udonga oluzothuthukisa umnotho wabamnyama.
Kulindeleke ukuthi i-MK Party eholwa uMnuz. Jacob Zuma ibe ngenye yezinhlangano ezizomenywa kule-Conference of the Left.
