
I-Checkers yethule inqola ezoqeda imisebenzi yo-cashier
Ngu Sphamandla Mthethwa
UKUNGENISA kobuchwepheshe kuza nenselelo enkulu yokuphela kwemisebenzi kubantu abaningi esizokwenziwa imishini ngabo ubuchwepheshe.
Isitolo esikhulu kuleli, i-Checkers nayo ayisalanga ngaphandle njengoba sesiqophe umlando, sethula eyokuqala ngqa inqola (trolley) ebizwa nge-Express Smart Trolley ezokwazi ukwenza konke okwenziwa o-cashier.
Okusho ukuthi umthengi ngeke esama ulayini wokuyokhokha ko-cashier nokuzoholela ekuqedweni kwemisebenzi yabo uma lolu hlelo luba impumelelo.
Le nqola njengamanje iyahlolwa ezikweni lalesitolo elise-Brackenfell e-Cape Town lapho kunabasebenzi abambalwa abasiza amakhasimende ukuyisebenzisa.
Le nqola uma uthenga usebenzisa yona uthatha impahla eshalofini uyiskene kuyo bese ikutshela khona lapho ukuthi usuthenge izimpahla zamalini futhi ivumela ukuthi ukhokhe kuyo khona lapho, okunciphisa isidingo sokuma kulayini omude obheke ku-cashier.
“Lobuchwepheshe buzosiza ukusheshisa izinto okwangempela, futhi kwenze kungabi umthwalo ukuthenga”, kusho lesitolo esitatimendeni esisikhiphile.
Kulesitatimende kuvele ukuthi okwamanje ziyishumi (10) izinqola ezizohlolwa ezimbili, e-Checkers Hyper Brackenfell nase Checkers Constancia.
Abaphathi bakwa-Checkers bancome ithimba labo elibhekele ezokuthuthuka ngokuqhamuka nomqondo walenqola, abayichaze njengenqophamlando emizameni yabo yokuqala izinto ezintsha emkhakheni wezokudayisa eNingizimu Afrika.
