
Elamanqamu namuhla ngesinqumo esizocacisa ngobulili buka-Caster Semenya
UMHLABA wonke namuhla (ngoLwesine) ulinde ukuzwa ukuthi inkantolo yamalungelo abantu emhlabeni i-European Court of Human Rights ngabe izokhipha siphi isinqumo ngobulili bomsubathi wakuleli u-Caster Semenya.
Lokhu kwenzeka nje uSemenya usenesikhathi eside egqigqa ezinkantolo zomhlana ngodaba oluthinta ubulili bakhe.
Ngo-2019 inkantolo yase-Lausanne, i-Court of Arbitration for Sports yamlahla emuva kokuba efakwe enkantolo nge-testosterone yakhe emenza abe namandla ngokweqile kunabesifazane asuke encintisana nabo nokwaba isinqumo esaphinde sakhishwa i-Swiss Federal Court ngo-2020 emuva kokufakwa icala elifanayo kuyo.
Njengamanje lomsubathi owanqoba i-Olympic 800m ngo-2012 nango-2016 uthathwa njengomuntu onobulili obushintshayo kodwa ngokomthetho ungowesifazane.
Inkantolo i-European Court of Human Rights kulindeleke ukuthi inqume ukuthi uSemenya angaphoqwa yini ukuthi ehlise i-testosterone yakhe ukuze akwazi ukuncintisana nabanye besifazane.
Lesi isinqumo asezame kaningi ukusiphikisa ezinkantolo zomhlaba.
USemenya unqabile ukusebenzisa izidakamizwa ezizokwehlisa izinga le-testosterone yakhe emuva kokuthi inhlangano enkulu yezemidlalo emhlabeni kuthe ngo-2018 yethula imithetho emisha elawula abesifazane kwezemidlalo. Emuva kokungavumi ukuhambisana nalemithetho ube esenqatshelwa ukuncintisana nabesifazane emjahweni we-800m.
USemenya uthe uthemba ukuthi i-ECHR izovikela ilungelo labesifazane abafana naye futhi inike ithemba kwabesifazane abasebancane ukuthi bezamukele indlela abahluke ngayo.
U-Antoine Duval oyisazi sezomthetho kwezemidlalo enhlanganweni i-Asser Institute in The Haue uthe: “Lesi sinqumo sizohlahla indlela ukuthi yini ezolandela uma kufanele kuphonselwe inselelo imithetho evumela abesifazane ukungenela imincintiswano”.
