
Cabanga Ngaphambi Kokwahlulela
Ngiyakubingelela mfundi wale ngosi yethu ebalulekile yabaNqobi. Ngiyethemba ukuthi njengoba ubuya kumaholide ephasika ubuya nomfutho omusha nokuvuseleleka.
Namuhla ngifisa kesikhulume ngokwahlulela umuntu kepha singayazi indaba ephelele ngaye. Kuyenzeka umuntu azithole ezondwa okanye encishwa amathuba ngenxa yokuthi sekuthathwe izinqumo ezithile ngaye kepha indaba ephelele ngaye ayaziwa, nokuthi kungani enze lokhu akwenzayo.
Ngelinye ilanga ngake ngaxoxelwa indaba emfishane engibonayo ukuthi iyahambisana nesihloko sethu sanamuhla. Lendaba ihamba kanje; Indoda ethile yayigibele iBhasi ihamba nendodana yayo. Besahleli nje esihlalweni esisemuva. Bese ibhavumula indodana ithi “Baba, awubuke izihlahla ziyahamba”.
Uyise wamoyizela kancane, kepha ababeseceleni babebukeka benokudideka nokudabuka. Mhlawumbe babecabanga ukuthi ugula ngengqondo umfana. Kwedlula imizuzwana wezwakala esho kakhulu futhi ngenjabulo. “Baba, awubheke ngisho namafu agijima kanye nathi”, kusho umfana. Behluleka ukuthula ababehleli eduzane nalendoda. Base bethi: “Kungani ungamusi koDokotela undodana sengathi khona okungahambi kahle”.
Cishe babebuka izenzo zakhe beziqhathanisa nobudala bakhe. Lensizwa esencane yayibukeka ingaphezulu kweminyaka engamashumi amabili (20). Wamoyizela kancane uyise wayo wabe esethi: “Empeleni siphuma khona esibhedlela, undodana lo ubengaboni kusukela ekuzalweni kwakhe, namuhla ubeyolungiswa inkinga yamehlo. Ubona okokuqala ngqa selokhu azalwa”.
Lendaba isifundisa ukuthi singamehluleli umuntu sibe singazi lutho ngaye. Kuyenzeka amanye amaphupho akho engafezeki ngoba usheshe wazehlulela ngokuthi angeke ukwazi ukuwafeza. Ukuzibukela phansi nakho kuwukuzehlulela. Kuhle ukucabanga ngokujulile ngaphambi kokuthi wehlulele.
Ungayehluleli incwadi ngokubona ingaphandle layo.
UJehova akubusise kufezeke amaphupho akho kuvele amathuba nempumelelo.
Boni Mahlinza
Motivational speaker, Author & Entrepreneur
