
Basola ukuthi “ubedakiwe” uHolomisa ethuka abalaleli ohlelweni lweGagasi FM
UMNUZ. Bantu Holomisa ongusekela ngqongqoshe womnyango wezokuvikela kuleli nomengameli we-United Democratic Movement (UDM) ucasule abalaleli besiteshi somsakazo esisakazela e-Cornubia, eThekwini, iGagasi FM ngesikhathi ebaphendula ngokubathuka uma bebuza noma bedlulisa imibono.
Kulolu hlelo lwezindaba oluthi Indaba With Alex olwethulwa u-Alex Mthiyane, uMnuz. Holomisa ubezokhuluma ngomsebenzi wakhe wasephalamende futhi njengomholi we-UDM kodwa kuthe mayexakwa imibuzo yabalaleli waqala wabathuka ethi kubo “go to hell” okungatolikwa ngokuthi “hamba uye esihogweni” noma “hamba uyoshona“.
Omunye umlaleli oqavile walolu hlelo, uBafana Dlamini uthe uyayilungisa lendlela abephendula ngayo uHolomisa ethi abaholi ababavotele akumele baphendule abantu kanje, wathi kuye kathule kamvotelanga. Uthe ukhuluma i-“nonsense” futhi waqhubeka nokuthi “you must go to hell”.
Uzamile ukungenelela uMthiyane ukuze kwehle isimo kodwa kwahlanga zimuka nomoya.
UMthiyane uchazele uHolomisa ukuthi njengelungu lephalamende, nakuba umlaleli engamvotelanga kodwa uma esengenile ephalamende kunendlela okulindeleke ukuba akhulume ngayo njengoba emele abantu bonke wavele wacinana kakhulu waphendukela kuyena wathi: “you can go to hell nawe“. Kuphoqe ukuthi avalwe ohlelweni njengoba bese kucaca ukuthi akalawuleki.
Abalaleli ezinkundleni zokuxhumana baqhubekile bakhuluma ngokuziphatha kukaHolomisa, bebodwa abebethi uziphathise okomuntu obedakwe amanzi amponjwana.
“Waze waziphatha budlapha mhlampe udakiwe”, kusho uBongokuhle Cele ekhasini lentatheli uSihle Mavuso.
“Into ebuhlungu iqembu lakhe alikhuli, abafika emuva kwakhe bakhula ngesivinini konke no-COPE basehlathini. Ngakho isithukuthezi sidlala ngabo. Futhi ubazi ukuthi ubazi ukuthi abalaleli bazomufaka umunwe ehlweni kanti vele uyedelela”, uZandile Sibiya ekhasini leziko lezindaba Inqubeko News Channel.
USanele Nkosinathi S’cefe Sibiya uthe akungafakwa utshwala kulento. “Kungani kufanele kusolwe ukuthi ubethintile? Ingoba akumfanele akushilo noma ingoba akakwenzanga?
“Ngibona ukuthi akufanele kulokhu kukekezelwa. Ngicabanga ukuthi uma sizosola okuthize sizolibala indlela azikhukhumeze ngayo nokwedelela kwakhe, ngoba kuzozwakala okanye kubukeke sengathi yena ubengeke kodwa wenziwe zidakamizwa, bese umbuzo uthi ubahlonipha kangakanani abantu osuke uzokhuluma nabo uma ukhuluma nabo udle izidakamizwa? Ayi sisenjeni”, kusho uSibiya.
Ingxenye yenkulumo kaMthiyane noHolomisa ungayithola ngokungena kule-link: https://www.facebook.com/share/v/1WbMbS2HdR/
