Izindaba

Amaphoyisa adubule kwafa obesanda kuphuma ngoshwele ejele eMthunzini

ISIBOSHWA ebesisanda kuphuma ngoshwele ejele sidutshulwe safa emuva kokudubulana namaphoyisa eMthunzini, KwaZulu-Natali.

Ubevele efunelwa amacala ayishumi (10) ahlanganisa awukuphanga imoto yemali, ukugqekeza, nokwakha itulo lokubulala iphoyisa.

Lo msolwa oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) utholwe nesibhamu, i-R5 esantshontshwa emaphoyiseni.

Ubesebenzisa ngesikhathi edubulana namaphoyisa abezombopha.

Ubephume ngoshwele ngecala lokubulala umuntu alenza ngo-2012.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com