Izindaba

ABE-LOTTO BAFUNA ONQOBE ISAMBA SIKA-R77 MILLION WE-POWERBALL

INKAMPANI ebhekene nomsebenzi wokudlalwa kwe-Lotto kuleli, Ithuba Holdings ifuna umuntu oyedwa onqobe imali engu-R77 428 794.30 kwi-draw ye-Powerball yangoLwesibili, mhlaka-26 Lwezi.

Le nkampani iqhubeke yathi abantu abathathu ababambe izimbolo ezinhlanu umuntu emunye bazohlukaniselana imali engu-R157 178.80. Kwathi abantu abangu-144 423 bathola inombolo eyodwa ye-Powerball bazohlukaniselana imali engu-R10.

Akekho onqobe i-Powerball plus ngakho izoqhubeka ibe ngu-R12 million ngoLwesihlanu, mhlaka-29 Lwezi. Uyedwa onqobe esigabeni sesibili se-Power plus ohambe nemali engu-R194 717.60.

Ithuba Holdings ithe isabheka omunye futhi umuntu onqobe imali engu-R19 million we-Lotto kwi-draw ebingomhlaka-20 Lwezi.Ithikithi layo lathengwa esitolo sase-Spar esise-Rustenburg e-North West.

I-TimesLive ibike ukuthi kufunwa omunye umuntu onqobe imali engu-R10.9 million kwi-draw ye-Lotto plus 2 ebingomhlaka-23 Lwezi. Lona udlale esitolo sase-South Gate Spar eMgungundlovu.

masibuyela odabeni oluqala, isikhulu esiphezulu kwi-Ithuba Holdings, u-Charmaine Mabuza unxuse abantu ukuthi bebheke amathikithi abo.”Onqobile uthenge ithikithi lika-R60 wakhetha izinombolo ngomshini”, kusho yena.

“Sicela bonke abadlale i-lotto e-Spar ose-Rustenburg ukuthi bebheke amathikithi abo”, kusho uMabuza.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com