
Abalandeli bakhala ngezihibe koweMpucuzeko Music Festival
NAKUBA abahleli bomcimbi kamaskandi omkhulu eThekwini, Impucuzeko Maskandi Music Festival benze konke ukunyusa izinga lawo minyakayonke, kodwa abalandeli banezikhalo ngokwenzeka kuwo.
Into abakhala ngayo kakhulu ezokuphepha, njengoba kunesigameko lapho bese kujikijelwana ngamabhodlela.
Ikhasi lika-Facebook iZwide production lifake umbhalo likhala ngamaphoyisa agasele e-People’s Park avala umcimbi sekuzocula uGcabashe ngezintatha.
Emuva kwalokho abalandeli babe sebejikijela amabhodlela e-stage bedinwa isenzo samaphoyisa.

Esithombeni: UKhuzani Mpungose enandisa kwiMpucuzeko Music Festival
Sekuyinsakavukela okomchilo wesidwaba ukuthi imicimbi yalolu hlobo ingapheli ngesikhathi okusuke kuvunyelwene ngaso namaphoyisa, okugcina kuholela ekutheni amaphoyisa ayivale bengakaculi abanye abaculi. Lokhu kuyabacasula abalandeli ngoba bagcina bengababonanga abaculi abasuke bekhokhele ukuzobabuka.
Umlandeli obekhona emcimbini uSompisi Rasta uphawule ekhasini likaSthembiso Mngoma wathi: “Ngikhona kulo mcimbi kodwa hhayi izinga lehlile kakhulu, i-sound iphansi futhi kumnyama”.
U-Cosy China MaShaymamba Nyongande uthe: “Inkinga ukuma ngezinyawo kuze kuse”.
Ngale kwalokho abantu bebephume ngezinkani bejabulela amaqhawe abo enza adume ngazo.
