Imibono

Abaholi abaqhakambise ukukhulunywa kwezilimi zebele

KULEZI nsuku ezedlule ngibone ukuphawula kwabantu abehlukene emuva kwe-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho usomlomo kamasipala waseMandeni, KwaZulu-Natali, uNks. Phindile Sishi nezinye izikhulu zikamasipala bebephendula khona imibuzo yamalungu ekomiti lomnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu kuzwelonke.

Kule-video uNks. Sishi uzwakala ephendula ngesingisi abaningi abakugxekile njengoba bekhale ngokuthi ubengalandeli uhlelo oluyilo lokukhuluma lolu limi.

Esithombeni: Ubuholi bukamasipala waseMandeni, usomlomo Cllr. Phindile Sishi nemeya Cllr. Thabani Mdlalose

Abantu abaphawulile bazwakalise imibono eyehlukene ngalokhu, abanye bethi bekumele aphendule ngolimi lwakhe okuyisiZulu. Kuyaziwa ukuthi iphalamende liyindawo ekhululeke kakhulu lapho abaholi bengaphoqelekile ukukhuluma isingisi ngaphezu kwezilimi zabo.

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni edlule, i-EFF ephalamende likazwelonke ike yamelwa uNkk. Sibongile Khawula obesikhuluma ngokuziqhenya isiZulu futhi abaningi bechazeka. Vele akusibo bonke abantu ababuka okuqhubeka kulamakomiti abaqonda ulimi lwesingisi.

Siye sibone emihlanganweni ehlukene kahulumeni, ezimbonini ezizimele nakwezemidlalo emhlabeni wonke kuba nemishini esetshenziswayo, yokutolika kulabo abasuke bengaluzwa ulimi okusuke kukhulunywa ngalo. Ngakho indaba yolimi akufanele ibe inselelo kubaholi.

ENingizimu Afrika kunezilimi eziyishumi nanye (11) ezisemthethweni futhi ezilinganayo. Kanti isiZulu yiso esihamba phambili njengoba sikhulunywa abantu abangu-24.4 % okuyikota yabantu bakuleli. Ngakho akukho okungalungile ngokusikhuluma noma ukukhuluma olulodwa lwezinye ezisemthethweni kuleli.

Kuyaziwa ukuthi isekhona inselelo kwabaningi yokuqonda nokukhuluma ulimi lwesingisi okwenza bengaqasheki nazesindaweni zomsebenzi futhi bephuthwe amathuba avelele. Sike sizwe nokuthi abaholi abaningi komasipala banenselelo yokuqonda izincwadi zemithetho neminye imininingwane yokulawulwa kwalesi sakhiwo okuyinto ekhinyabeza ukuhanjiswa kwentuthuko kubantu.

Kanti ezindaweni eziningi kunenselelo yokuthi izimpawu nokunye kokwazisa kubhalwe ngolimi lwesingisi.

Nokho sekuye kubonakale ezikhungweni zikahulumeni ukuthi isikhona imizamo yokubhala izaziso nezimpawu ngolimi lwesiZulu, okuwuguquko oluncomekayo.

Esithombeni: Izibalo namaphesenti abantu abakhuluma izilimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika

Ngaleyo ndlela silindele ukuba abaholi kube yibo ababa isibonelo, bangesabi ukukhuluma izilimi zabo. Ikakhulu abaholi bakahulumeni kuwo onke amazinga, silindele ukuba kube yibo abahola umkhankaso wokuqhakambisa izilimi zabomdabu ngoba bona basemehlweni abantu futhi okwenziwa yibo kuyagqama.

Sesiphetha, UMKHAYA uyafisa ukukhuthaza ukukhulunywa kolimi lwesiZulu njengoba nathi sibhala ngalo, kodwa ngesikhathi esifanayo sibe sikhuthaza ukuba umuntu aqonde futhi akhulume olunye ulimi kwezisemthethweni kuleli.

Isingisi olunye lwezilimi ezisemthethweni kuleli futhi oluhlanganisa abantu emazweni amaningi emhlabeni ngakho kuhle ukuba umuntu aluqonde futhi azame ukulukhuluma ngendlela ezwakalayo.

Yize sesikushilo lokho, kunokuthi uze uthole ugxekwa ngenxa yokuhluleka ukukhuluma ulimi okungesilo olwakho kuhle ukubeka inkulumo ngolimi oluncele ebeleni ukuze ukhulume okuyikho futhi ngokuzethemba.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com