Izindaba

Owezobulungiswa umise inhloko yomnyango ngokubambezela ukuqala kwekhomishini kaMadlanga

AKACHITHANGA sikhathi ungqongqoshe wezobulungiswa kuleli, uNkk. Mmamoloko Kubayi ukumisa umqondisi jikelele womnyango wezobulungiswa emuva kokumsola ngokubambezela umsebenzi we-Judicial Commission of Inquiry ezophenya kabanzi ngezinsolo ezenziwa umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi mhlaka-6 Ntulikazi (July) 2025.

UMkhwanazi watshela izintatheli ezazihlangene enhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini ukuthi ungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz. Senzo Mchunu uyingxenye yegunundu lezigebengu elisebenza nezikhulu zamaphoyisa e-SAPS kuhlanganisa nakamasipala waseGoli, Tshwane nowase-Ekurhuleni.

Umengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa ube eseqoka ikhomishani ezoholwa ijaji eselithathe umhlalaphansi, ijaji Mbuyiseli Maphanga.

Ngokwesimemezelo esakhishelwa umphakathi lekhomishani bekumele iqale umsebenzi wayo mhlaka-1 Mandulo (September) 2025 kodwa osekuhlehliselwe usuku olungaziwa.

NgoLwesibili, mhlaka-26 Ncwaba (August) 2025 ijaji Madlanga limemezele ukuthi ikhomishani ngeke iqale ngesikhathi ebesibekiwe ngenxa yokuthi umnyango wezobulungiswa nokuthuthukiswa komthethosisekelo awuzithenganga ngesikhathi izinsiza okuzosetshenzwa ngazo.

Lokhu kuvele esithangamini sezindaba ebesibizwe ungqongqoshe walomnyango, uKubayi otshele abezindaba ukuthi yena ngeke anqumele lekhomishani ukuthi iqale nini.

“Ngeshwa…angivumelekile ukuthi nginqumele ikhomishani ukuthi iqale nini ukusebenza. Owami umsebenzi ukuqinisekisa ukuthi konke ekudingayo iyakuthola ukuze isebenzise kahle futhi ilandele isikhathi esibekiwe”, kusho uKubayi.

Uthe lokhu kubambezeleka kube yishwa. Uchaze ukuthi ezinye izinto bezingagwemeka ukube izikhulu zomnyango beziwenza kahle umsebenzi wazo ukuqinisekisa ukuthi lekhomishani iyaqala ukusebenza mhlaka-1 Mandulo (September) 2025. Uqhubeke watshela abezindaba ukuthi uphoqelekile ukumisa umqondisi jikelele womnyango, uMnuz. Doc Mashabane nesekela lakhe elibhekele ezolwazi, ukuxhumana nobuxhakaxhaka uJabu Hlatshwayo. Laba bobabili bamiswe khona ngoLwesibili, mhlaka-26 Ncwaba (August) 2025, bazophenywa futhi bazoqondiswa izigwegwe.

Esithombeni: UMnuz. Doc Mashabane

Bamiswe ngenxa yokuhluleka kwabo ukuqinisekisa konke okudingeka ngosuku lokuqala umsebenzi wekhomishani kukhona futhi nayo iqala ngosuku olumenyezelwe emphakathini.

Uthe utshelwe ngoLwesihlanu, mhlaka-22 Ncwaba (August) 2025 ukuthi ikhomishana ngeke isakwazi ukuqala ngesikhathi esibekiwe.

Ijaji Madlanga lithe ngokohlangothi lwekhomishani bona bakulungele ukuqala umsebenzi kodwa babanjezelwa umnyango wezobulungiswa ongazigcinile zonke izimfanelo ezizokwenza ikhomishani yenze ngokuphelele umsebenzi wayo.

“Ikhomishani akukho engakwenza, kuyaphoqa ukuthi ihlehlise zonke izinhlelo zayo”, kusho ijaji uMadlanga.

Lekhomishani isazohlala e-Brigitte Mabandla Justice College ePitoli.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com