
Sekuqubuke kabusha ukukhathazeka ngempilo kaLuthuli Dlamini osolwa ngokuba “umhambuma”
ABANTU ezinkundleni zokuxhumana sebeqale phansi ukubabaza impilo yowayengumlisi oqavile kuleli, uLuthuli Dlamini osanda kubonakala ku-video esesimeni esingagculisi.
Sekunesikhathi eside uDlamini egcine ukubonakala kumabonakude, kanti uke wadlala izindawo eziqavile emidlalweni ehlukene efana ne-Scandal! (Stan Nyathi), Generations (Scott Nomvete), Uzalo (Adv. Zulu S.1 – S.4), The Coconuts ( Tombo Mbuli 2008-2009), Intersexions (Zakes), Temple Pushas (Ben Landers) neminye.
Useke wabonakala nasemafilimini ehlukene afana ne-Mandela’s Gun (2016), The Furnace (2019) neminye
NgoZibandlela (December) 2024 uke waba undaba mlonyeni kubatshazwa indawo ahlala kuyo ebibukeka njengesidleke sezidakamizwa e-Randburg. Lokhu kuqubule ukukhathazeka kubalandeli bakhe nakozakwabo emkhakheni kaqedisizungu bedlulisa imiyalezo yokumeseka, abanye befuna nokunikela ngendawo yokuhlala.
Nokho emuva kokuzwa ukuthi kunesasasa ngesimo sakhe ezinkundleni zokuxhumana wakhetha ukuphendula. Uqophe i-video eziwashela izingubo ngezandla, ebukeka ekhandlekile. Ubonge umphakathi ngokukhathazeka ngaye kodwa waphika ukuthi akanakhaya.
“Ngifuna ukuzichitha zonke lezi zinsolo zokuthi anginakhaya. Angisiye umhambuma, nhlobo”, kusho yena.
“Ngihlala endlini enhle eThekwini, eqhakaza ilanga. Ngithokozile. Ngikahle. Ngiyathembisa angisiye umhambuma. Niqaphele abantu abanitshela izinto”, kusho yena.
I-video esanda kuvela ku-Tiktok muva isiphinde yaqubula kabusha ukukhathazeka ngalo mlingisi ongowokudabuka eZimbabwe. Kule-video kubonakala uDlamini ehamba emgwaqeni ophithizelayo endaweni esamafemu, ephethe ushekhasi wase-Shoprite, ehambe edla ama-chips abizwa ngama-Lays. Kuqhamuka imoto edlulayo, bese ophakathi efuna ukunika uDlamini utshwala. Uqala ngokumbuza ukuthi akakufuni yini utshwala, aphendule yena ngesingisi adume ngaso esishibilikayo athi: “Uzongena enkingeni, ufuna ukunika umuntu omdala utshwala”.
Emuva kwalokho kuzwakala amazwi abantu bethi: “Uyena ngempela”. Bese i-video iyanqamuka.
Babone le-video abantu bazwakalisa ukukhathazeka futhi ngesimo sikaDlamini, nosekuyisimo esijwayelekile kubalingisi abaningi abaqavile kuleli.
Yize abanye bebethi lokhu okubonakala ku-video impilo yangasese yalo mlingisi, kodwa kwabanye kube nokukhathazeka ngesimo sakhe sempilo.
Kuze kube manje uDlamini ubengakaze aphendule nge-video entsha.
