Izindaba

Kubhubhe (5) kudutshulwa KwaNxamalala ngempelasonto

USULALA obenyoni umphakathi wasemaChunwini esigodini sakwaNxamalala, eMsinga maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natali emuva kwesigameko sokudutshulwa kwabantu abahlanu (5).

Oyedwa (1) wabo uphuthunyiswe esibhedlela kwathi abane (4) bashonela endaweni yesigameko.

Abashonile, owakwaZuma, Majola, Ndebele nowakwaPhungula yena oze watholakala ngeSonto ntambama.

Lesigameko senzeke entathakusa yangoMgqibelo lapho umsolwa ongaziwa eqothe khona bonke laba.

Kusolakala ukuthi labalisa babebuya emlindelweni wakwamakhelwane kwaZuma ngesikhathi behlangabezana nokufa.

Umthombo uthe kutholakale amagobolondo esibhamu i-AK47 abalelwa ngaphezulu kwamashumi amathathu (30) eduze kwendawo obekudutshulwa kuyo.

Umsolwa ube esedlulela emzini wakwaZuma kubo kamufi wathumba umndeni wakhe okungunkosikazi nabantwana wabaphoqa ukuthi bathumele (transfer) imali engango l-R45 000 ku-account yakhe maqede wadubula amahlandla angu-3 emoyeni, wabe esenyamalala.

Kuthiwa akekho osolwayo ngalesigameko.

*Lolu daba lucashunwe ezikweni lezindaba Umsinga FM lwase lushintshwa kancane ukuze lufundeke kahle

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com