
Isitabane esidumile sisabisa ngokuneka obala izinqe zikaMbalula no Zee Nxumalo kuMadlanga Commission
USETHEMBISE ukuphenya ibheshu uMusa Khawula, kusopolitiki nosomabhizinisi abasola ngokumakhela itulo lokumbopha.
UMusa Khawula oyisitabane esaziwayo futhi oyi-blogger uthuse abalandeli bakhe ku-X ngoLwesibili ngesikhathi efaka i-screenshot somyalezo ovela kumphenyi omkhulu weMadlanga Commission abecela ukubhunga naye udaba oluthile. Lo myalezo ubuhambisana nombhalo othi: “Sanibona zithandwa! @MbalulaFikile and Ze Nxumalo, nizokwenzenjani emuva kwamanga netulo lenu ngoba selukhalile ucingo, ngizonibona maduze kukhomishane, XO XO, ntombazane ehlebayo”.
Lokhu sekuqubule izinsolo kwabaningi ukuthi uKhawula obishe emacaleni ehlukene okuhlanganisa nelokubulala angase avele maduze kule khomishani ephenya izinsolo ezenziwa umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi.
Igama likaKhawula livele amahlandla amaningi ngesikhathi kuqhubeka ukwethulwa kobufakazi kuMadlanga Commission okuthinta kakhulu ukuboshwa kwakhe ngoMasingana 2025 ngamacala ahlanganisa ukuphulwa komthetho i-Cybercrimes Act, ukwehliswa kwesithunzi somuntu nokukhipha amazwi anenzondo.
Ebufakazini obethulwe amaphoyisa kanye nama-affidavit avela kubashushisi kunemininingwane echaza kabanzi ukuthi izikhalo ezalethwa uNxumalo, uMbalula nabanye abaholi be-ANC ngoKhawula zazisetshenzwa kanjani ukuze kusheshe ukukhishwa kwencwadi yokumbopha.
UMusa Khawula uqale ukuba sobishini lwamacala ngo-2021 ngecala lokuzama ukubulala ngesigameko esenzeka eMponeng Mine ngoNhlolanja 20, 2021. Ngokwesitatimende esisemaphoyiseni uKhawula washayisa umuntu ngemoto waqeda wakhala amaphepha.
Kwesinye isigameko esenzeke ngoNdasa 2022 usolwa ngokubulala uWandile Khambule. Kwisitatimende sikaKhawula esisemaphoyiseni uthi wayezivikela kuKhambule owayeyisoka lakhe.
