
Ezihamba phambili kusuka kolomngcwabo kaLungu, elikaMaphisa-Nqakula ne-Numsa
INKANTOLO i-Pretoria High Court isiluyekele ukuba ludingidwe inkantolo yomthethosisekelo udaba lomngcwabo wowayengumengameli waseZambia, u-Edgar Lungu. Lokhu kuza emuva kokuthi umndeni kaLungu ucele kulenkantolo ukuludlisela kweyomthethosisekelo lolu daba. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesihlanu i-Pretoria High Court yakhipha isinqumo esithi uLungu kufanele angcwatshelwe ezweni lakhe.
LIHLEHLELE umhlaka-21 Lwezi (November) 2025 icala elibhekene nowayengusomlomo wephalamende, uNkk. Nosiviwe Maphisa-Nqakula. Uvele kafushane enkantolo ngoMsombuluko waziswa ngemibandela ye-bail akhululwe ngayo.
UMaphisa-Nqakula ubhekene namacala ayishumi nambili (12) ahlanganisa nezinsolo zokugwazelwa ngemali engango-R2 million ngesikhathi esangungqongqoshe wezokuvikela.
UMKHAYA uthole ukuthi okungamkhulula kuleli cala uMaphisa-Nqakula ovele wadinda isililo enkantolo ukuba enze izethulo kumshushisi omkhulu (NDDP), achaze ukuthi kungani kufanele lihoxiswe leli cala.
INYUNYANA yensimbi i-National Union of Mine workers of South Africa (Numsa) isifinyelele esimelwaneni nenkampani yama-tyre i-Goodyear. Kuzokhumbuleka ukuthi lenkampane ngoNhlangulana (June) 2025 ivale ifemu yayo, iKariega ese-Eastern Cape yase ithembisa ukunika abebengabasebenzi bayo inkence engagculisi nakuba bese besebenze isikhathi eside kuyo.
Emuva kwezingxoxo ne-Numsa lenkampane izokhokha imali engu-R234 000 kubasebenzi abaneminyaka kusuka (1) kowodwa kuya kwemihlanu (5), bese abaneminyaka engaphezu kwengamashumi amabili nesithupha (26) bona bathole ngaphezulu kuka-R1 million.
Abanye abasebenzi abangu-235 abebeqashwe ilefemu bazothola imali eza la ku-R500 000 umuntu emunye.
