
UJomo Sono uthi akugxekwe abadlali ngokuphuma kweBafana ku-Afcon, axegwe uHugo Broos
UMPHATHI ophinde abe umqeqesi we-Jomo Cosmos, uJomo Sono (70) usevikele umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos kulabo abamgxekayo ngokuphuma kweqembu lakuleli ku-Total Energies Africa Cup of Nations eseMorocco.
USono uthe u-Broos usezibonakalisile ukuthi ungusondonzima futhi akumele agxekwe ngokuphuma kweBafana ku-Afcon.
Uthe iqembu lakukeli liyeke amathuba aminingi lidlala ne Cameroon abengashintsha umdlalo.
Ubekhuluma kanje emuva kokuphuma kweBafana Bafana esigabeni se-Last 16 emidlalweni ye-Total Energies Africa Cup of Nations.
UBroos ugxekwe kakhulu ngokuphuma kweqembu lakuleli kule midlalo, nokho uSono umvikele wathi lomqeqeshi akumfanele ukugxekwa.
“Labahlaziyi abamyeke phansi u-Broos, ngiyacela?” kusho uSono. “Izahluleki ezingathi u-Broos akahambe, abantu abangakaze balenzele lutho ibhola laseNingizimu Afrika”, kusho yena.
Uthe u-Broos usekhombisile ukuthi yini angayenza. Ukhumbuze abantu ukuthi u-Broos wanqoba i-Afcon ne Cameroon ngo-2017. Ubakhumbuzile futhi ukuthi u-Broos ufake iqembu lakuleli ku-Afcon naku-2026 FIFA World Cup.
“Yebo, sisheshe saphuma kodwa sihlulwe amathuba amathathu sibhekene ne Cameroon”, kusho uSono. “Ukube sawafaka lamagoli ngabe sikhuluma olunye udaba oluhlukile”.
IBafana izobe iyingxenye ye-FIFA World Cup ezobe iseMelika lapho ezobhekana khona neMexico, South Korea nelinye iqembu lase-Europe elizonqoba i-UEFA Play-Offs.
USono uthe umdlalo wokuqala ozoba mhlaka-11 Nhlangulana (June) uzoba nzima. Uthe ukholwa ukuthi iBafana ingadlala kahle uma ingazihlela futhi iqinise indlela edlala ngayo. Ululeke u-Broos ukuthi abuyise umgadli, uBongokuhle Hlongwane. Uthe uHlongwane wenza kahle kakhulu e-United States kodwa uzitshiwe.
“Uma u-Lyle Foster engalimala noma ehlelwe i-form ngabe kuphelile”, kusho uSono. “Indaba kaHlongwane kumele ixoxwe”, kuphetha yena.
