Ucela ummeli ozomsiza mahhala abuyelwe indlu yakhe uGcina Mkhize owaduma kuSibaya
UMLINGISI wakuleli, uGcina Mkhize owaduma emdlalweni kamabonakude Isibaya akakakutholi ukuphumula njengoba namanje esalwa indaba yendlu yakhe akholwa ukuthi yadayiselwa umnikazi omusha yibhange ngokungemthetho.
UMkhize usanda kuqopha i-video ecela noma ngubani ongamsiza mahhala ngezomthetho ukuze abuyelwe indlu yakhe.
Kule-video uthe uqeda kubuya enkantolo i-Booysen Magistrate’s Court ukuyofaka amaphepha aphikisana nesinqumo sebhange sokudayisa umuzi wakhe kanye nesahlulelo senkantolo esavuna lokhu.
Udaba lwakhe seluzolalelwa ngomhlaka-5 Nhlolanja (February) 2026 nosekumnike ithuba eliningi lokuqhubeka nokufuna usizo.
“Inkantolo ivumile ukuthi udaba lwami luhlehle nosekunginika isikhathi esanele sokufuna ummeli ozongisiza mahhala ngibuyise indlu yami”, kusho uMkhize.
“Impumelelo encane, angeke sithi sijabule kodwa kuyasenelisa ukuthi ngesikhathi samaholidi ngeke sihlale emgwaqeni nezingane zami. Ngizophindela enkantolo mhlaka-5 Nhlolanja 2026”, kusho yena.
Seludonse isikhathi eside loludaba njengoba uMkhize eqale ukuluveza kwabezindaba ngo-2023. Ubekhala ngokuthi indlu yakhe yadayiswa ngokungemthetho futhi akaziswanga ngokufakwa kwayo endalini.
Kunenye i-video ayiqophile lapho echaza khona ukuthi indlu yakhe ubone isidayisiwe futhi sekunomuntu othi isegameni lakhe usefuna ukungena kuyo ngoba ngeyakhe.
Uchaze lesi simo njengesimhlukumeze kakhulu njengoba eshayiwe, kwacekelwa phansi impahla yakhe, kwabulawa amafasitela endlu kwaphinde kwavalwa nogesi nobekuyimizamo yokuthi aphume endlini.
Kusuka lapho ubelokhu ecela usizo kubantu baseNingizimu Afrika nababe nomusa bamsiza ngokuningi okuhlanganisa ukudla nezinye izidingo zansukuzonke.
Uthe uvule amacala ehlukene esiteshini samaphoyisa iMondeor Police Station kodwa akukho nqubekela phambili ngawo.
Ngakolunye uhlangothi uDzivhu Tevin Mashila okunguye owathenga indlu emuva kokuba uMkhize eseqe izinyanga engakhokhi, uthi yena indlu wayithenga ngokusemthethweni emuva kokuyibona ikhangisiwe.
Ekhuluma nephephabhuku i-Drum uMashila uthe indlu yadluliselwa kuyena ngendlela eqondile futhi usemenzele okukhulu uMkhize njengoba esemhlalise kuyo isikhathi eside nakuba ingasabhalisiwe ngaye.
Uthe usekhokhele indlu isikhathi esiwunyaka njalo ngenyanga yize uMkhize ubehlala kuyo mahhala.

