EZISEMATHENIIzindaba

Izinkabi ebezihamba nge-NP 200 zidubule kwafa ufakazi owaninda u-Julius Mkhwanazi kuMadlanga Commission

IMADLANGA Commission isikhiphe isitatimende ebidlulisa kuso amazwi enduduzo emndenini kafakazi obebizwa ngo “Witness D” emuva kokudutshulwa afe ngoLwesihlanu.

U-Marius van der Merwe owaveza ubufakazi obushaqisayo ngo-Deputy Police Chief wase-Ekurhuleni Metro Police Department (EMPD), u-Brigadier Julius Mkhwanazi bamdubule amahlandla amabili (2) nge-AK47 wafa ngoLwesihlanu ebusuku ngaphandle komuzi wakhe e-Brakpan eGoli.

Esithombeni: Isitatimende seMadlanga Commission

Lofakazi ubulawe ngesihluku phambi kukankosikazi wakhe abasolwa abebehamba ngemoto eyi-Nissan NP200 emhlophe.

U-Marius ubesebenzela i-EMPD kodwa udutshulwe esengumnikazi wenkampani yonogada i-QRF Task Team ebilwa nokuvimba abamba izimayini ngokungemthetho ababizwa ngamaZama Zama.

Uyena owaveza ukuthi u-Brigadier Mkhwanazi wamyaleka ukuthi akalahle isidumbu somsolwa owashona emuva kokuthi bemufake ishubhu ekhanda.

Kwenzeka konke lokhu nje u-Brigadier Mkhwanazi ubevele kule khomishani kaMadlanga ngoLwesibili nangoLwesithathu lapho ubephoswa khona ngemibuzo ngezigameko ezimataniswa nobugebengu ezenzeka esaphethe eseyisikhulu emaphoyiseni e-EMPD.

Esithombeni: U-Marius van der Merwe

U-Brigadier Mkhwanazi usolwa ngokufakela usomabhizinisi oboshiwe amalambu akuhlaza ezimotweni zakhe.

IMadlanga Commission izoqhubeka nomsebenzi wayo ngonyaka ozayo njengoba ivale ngobufakazi kukangqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke osamisiwe, uSenzo Mchunu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com