Izindaba

“ODalimede” bakhumbuze abantu ngokubaluleka kwamandla asemanzini emuva kokungena ezizibeni ezangena indlondlo

ABELAPHI abazibiza ngoDalimede abazinze eMgungundlovu bathuse abaningi ngenkathi bebonakala bengena edamini laseGoli, i-Vaal Dam nelaseMpumalanga elaziwa nge-Witbank Dam okuyilapho kwabonakala khona kungena indlondlo yamanzi.

Lezinsizwa ezimbili okungoTasi noManqele muva nje esezibonakala nentokazi, uMakhosi Ndlovu wase-Eastern Cape zituse kakhulu indlondlo yamanzi zathi kudala vele obabamkhulu bazo babenqamula kuwo lamadamu nasolwandle. Babekhuleka kuwo lamanzi omkhulu babo nokuyinto ebivamile emandulo.

“Thina belaphi bamanje sesilahle izimpande”, kuchaza uTasi Dalimede ozakhele igama e-Ladysmith eseyibizwa ngeMnambithi.

Esithombeni: UTasi Dalimede eshuthe neminye yemikhiqizo yabo

UTasi uthe ubudokotela babufunde eMhlabuhlangene Medicine School nokuyisikhungo esibasize kakhulu njengoba sebekwazi nokukhiqiza izimbiza.

Uthe igama elithi oDalimede bazoqhubeka belisebenzise yize sebebizwa ngodokotela.

Emsebenzini wabo oDalimede sebekhiqize iziwasho benza negobongo elikhuphula isithunywa abalibiza ngokuthi “isithunywa”. Kuleli gobongo bahlanganise imithi eminingi eqaqa idlozi ukuthi lidedele isithunywa, sizikhuphukele. Igobongo labo lisetshenziswa nangabefundisi baseZiyoni abanabazalwane abaneziphiwo kanye nogobela abanamathwasa anenkinga yokungabhuli futhi angafikelwa amaphupho.

Esithombeni: Kuvela imisebenzi eyenziwa oDalimede nemininingwane abatholakala kuyona

UMKHAYA ubuzile ukuthi kungani bebone kunesidingo ukuthi bejoyinwe owesifazane asebevame ukubonakala naye ezindaweni eziningi. Uthe njengoba bebesebenza bobabili, bekukhona umthandazi nenyanga base bebona ukuthi abafake isangoma ukuze bengeze amandla.

Esithombeni: Indlondlo yamanzi ike yabonakala kwesinye seziziba okungene kuso oDalimede

UTasi uthe umsebenzi wesiphiwo unzima kangangokuthi udla isikhathi esiningi sakhe okumphoqe ame kwezinye izinto azithandayo empilweni okuwumculo nomdlalo wamabhokisa. Utshele UMKHAYA ukuthi abantu abaningi bayambuza lapho ahamba khona ngomsebenzi wakhe womculo kanye nomdlalo awenzayo wamabhokisa nokuyinto athe akasenaso nhlobo isikhathi sokuyenza futhi imfakela ingcindezi ngoba umculo nomdlalo wamabhokisa enye yezinto azithandayo empilweni futhi nazo ezidinga isikhathi.

Ubonge kakhulu insizwa asebenza nayo uDuyaza Dalimede okunguye obhekene nezokuxhumana ofaka umsebenzi wabo ko-Facebook no TikTok lapho ababizwa khona ngo-“ODalimede Isithunywa”.

Esithombeni: ODalimede bebesezindlini zomsakazo i-Vibe FM lapho abanesigamu sohlelo abalukhokhelayo

Uth uke wathi ukunyamalala kulo msebenzi wedlozi emuva kokushona kukababa uVilane obengumholi webandla i-Zion Congregational Church kwaHlomendlini eMandeni. Ukushona kukababa uVilane kumuphoqe ukuthi athi ukuhlala kancane eMandeni kwazise bekunzima kuye ukushiwa ubaba obekunguye obemluleka ngokuningi empilweni.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com