EzosaziwayoIzindaba

Babambe ongezansi u-Prince Kaybee edalula inselelo yokuphelelwa umuzwa wocansi nowokuthanda

UMDIDIYELI womculo ophinde abe u-DJ kuleli, uKabelo Motsamai ushiye abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bebambe ongezansi emuva kokudalula ubuhlungu obumehlele esakhula okuholele ekutheni abe nenselelo yokwenza ucansi, ukuphelelwa umuzwa wothando nokusondelana eduze nabantu.

Ufake imibhalo ehlukene ezinkundleni zokuxhumana lapho abebalisa khona ngezinkinga ezimehlele esemncane zaphinde zanda esewusaziwayo.

“Ngiyacabanga ukuthi ucansi into ebhedayo”, kubhala yena.

“Kusuka ngihlukunyezwa ngisemncane kuze kube manje sengimdala futhi ngithola ukululekwa, ngingasho ukuthi kuningi okungahambanga kahle”, kusho yena.

Lo DJ wodumo lengoma ethi Bheka Mina uthe ngesikhathi impilo yakhe ivelela izinkinga ezaqala esemncane zamlandela ngisho esemdala nokuyisikhathi abesekwazi ukuthola ngaso ucansi kalula.

“Phezu kwazo zonke izinkinga engidlule kuzo ebuncaneni bami, ngibe nemali ngaduma. Ngibe sengiba sesimeni sokuthola kalula ucansi kunoma ubani ebengimhalela. Lokho kwaba ukuqala kokonakala kwempilo”, kusho yena.

Uthe ngokukhula ubonile ukuthi ucansi akaluzwa ngendlela abanye abantu abaluzwa ngayo. Uthe sekuyamhlula ukulufuna kumuntu futhi akawuzwa kahle lomqondo wokuthi into kamalalana iwumsebenzi wabantu ababili.

“Akuyona into engiyenzayo isikhathi esiningi, ngoba ifuna kubanjiswane. Kufanele uyenze nomunye umuntu ngisho ngabe awuyifuni wena, ilokho engingakuthandi”, kusho yena.

Uthe ukusondelana nomuntu sekuyinto emxakayo kakhulu yena.

“Ubudlelwane enginabo nocansi kuncike ekutheni umuntu engilwenza naye wenza njani kimi”, kusho yena.

“Alukho uhlobo lothando engingathi ngiyahambisana nalo ngoba ngilungile nje lungekho”

Uthe uthando sekuyinto ayibukela kude yena ikakhulu uma kucatshangwa ukuthi luyinto ehambisana nocansi.

“Esikhathini esiningi uma abantu benza ucansi bathi basothandweni. Uma uthando luyinto echazwa kanjalo esikhathini samanje shuthi mina angilwazi”, kuchaza u-Prince Kaybee.

Uqhubekile efaka imibhalo ebimangaza abalandeli bakhe.

“Angikho esimeni esikahle, ngizizwa ngingelutho”, kusho yena.

“Lokhu enikubonayo kuphambene nengiyikho mina siqu. Kodwa ngeke ngilwe nakho”, eqhubeka nokuchaza.

Uthe uyavuma ukuthi baningi abantu abalimele endleleni ngesikhathi ezama ukuzithola indlela azizwa ngayo nobudlelwane bakhe bocansi.

“Ngiyazi ngilimaze abantu abaningi, kwazaleka nezingane”, kubalisa yena.

Uthe kungenzeka ukuthi ubenengcindezi yokuthi kufanele abonakale njengomuntu ophila njengabanye abantu ngakwezocansi. Kodwa lokho akumsizanga kunalokho kulimaze yena.

Uthe usekwamukele ukuthi indaba yocansi nobudlelwane bothando akuseyona into anomuzwa wayo futhi ukahle ngalokho.

Yize umbhalo ka-Prince Kaybee uqubule ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana kodwa kukhona abamncomile ngokuphumela kwakhe obala. Ngakolunye uhlangothi abanye bezwakalise ukukhathazeka ngobuhlungu abebuthwele yonke leminyaka.

Kuvela lezindaba nje ngenyanga edlule u-Prince Kaybee uchithe imibiko ebimumatanisa nabathandana benobulili obufana nobabo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com