EZISEMATHENIEzosaziwayoIzindabaUmculo

UKhuzani usolwa inkakha emculweni ngokweba umsebenzi wayo kwi-album yakhe entsha

UMCULI wezingoma zokholo osenqobe inqwaba yezindondo uSenzo Khumalo ukhala ngokuntshontshelwa uKhuzani Mpungose ingoma ethi Nisheshe Nangihlelela ayikhiphe ngo-2020.

Lokhu kuvele emuva kokuthi uKhuzani ekhiphe i-album entsha enezingoma ezingu-21 ngoLwesihlanu, mhlaka-21 Lwezi (November). Engomeni ethi Nisheshe Nangihlelela engunombolo 7 uhamba noLuve Dubazane. Kule ngoma ubhalwe njengomculi nomqambi wayo.

UKhumalo osebhalele abaculi abaningi abadumile izingoma abafana noDumi Mkokstad, Sgwili, Lindani Gumede noThinah Zungu utshele i-Sunday World ukuthi indlela eculwa ngayo lengoma, amagama ayo nendlela eyenziwe ngayo kuthathwe engomeni yakhe ayenze ngo-2020 ethi Nisheshe Nangihlelela.

Uthe okumcasula kakhulu ukuthi uKhuzani uzame ukuyishintsha kancane amagama ukuze kube sengathi iqanjwe uyena.

“Ungakapheli u-30 seconds ngiqalile ukuyilalela lengoma ngizwile nje ukuthi eyami. Indlela eculwa ngayo, amagama nalapho ayishintshe khona kancane, kodwa yona ifana use neyami”, kusho uKhumalo.

Uthe nakuba engathukile kodwa uphoxekile ngoKhuzani.

“Lezi zinto zenziwa abantu abangalazi ibhizinisi lomculo kanye namalungelo awo. Baye benze noma yini nje ngomsebenzi wabanye abantu.

Esithombeni: USenzo Khumalo

Mina sengibhalele abantu abaningi umculo abadumile nabangadumile. Iyona ndlela engiphila ngayo leyo, ukuqambela abanye abaculi izingoma futhi ngiyazi ukuthi kwenziwa kanjani. Obekumele akwenze yena ukungifonela acele ukuyenza kabusha lengoma bese senza isivumelwano ngendlela yomthetho. Ngalokhu bekuzobhalwa ukuthi nami nginesandla kuyona. Manje sekufanele sifake abantu abaningi kulento kuhlanganisa nabameli, futhi into engizimisele ngokuyenza”, kusho yena.

UKhumalo uthe baningi abaculi asebeke benza kabusha izingoma zakhe kodwa benza ngendlela efanele.

“UThinah Zungu uke wacela ukwenza enye yezingoma zami ngo-2017 futhi ngamnika imvume. Savumelana ngokusemthethweni futhi wabhala ukuthi ingoma ibhalwe yimi. Kulula ukusebenzisana maningabaculi, yini edala ukuthi uKhuzani acabange ukuthi ngeke yena enze njengabanye?”

Uthe useke wahlangana noKhuzani izikhathi eziningi.

“Asibona abangani kodwa siyazana njengabaculi. Sesike sabonana naye kanye noma kabili. Sike sahlangana emngcwabeni futhi saxoxa, kwesinye isikhathi sihlangane enkundleni yezemidlalo”, kusho uKhumalo.

“Ngiyazi ukuthi umculo wami uyawulalela ngoba ngike ngamuzwa ewudlala ku-Facebook live”.

Uthe uyazi ukuthi uKhuzani wezwa ingoma yakhe wase enquma ukuyenza kabusha ngabomu ngaphandle kokumazisa yena.

“Ngiyazi ukuthi uyawulela umculo wami. Emuva kokuthola izingcingo kubantu bethi angilalele lengoma, angizamanga ukuxhumana naye ngoba uyena okwakumele angifonele ngaphambi kokuthi ayenze ukuze athole imvume. Akakwazi ukuthatha ingoma yami bese enza kube umsebenzi ukuthi ngimfonele”, kusho yena.

Uthe akasiye umuntu okhonze umsindo kodwa lento uzoyilwela ukuthi ingenzeki esikhathini esizayo kwabanye abaculi.

Uthe uxhumana nethimba lakhe labameli ngalolu daba ukuze bemluleke ukuthi alusingathe kanjani njengoba ubethembe ukuthi uKhuzani uzomthinta.

“Inkinga ukuthi uzothi uzothi esuka athi kunabantu abalwa naye, akaqondi ukuthi lento ayenzil izodala izinkinga. Ibucayi kakhulu lento. Bengithi uzokubona lokho eze kimi. Ngithemba ukuthi inkampani aqopha kuyo izoyiqonda lento”, kusho uKhumalo.

I-Sunday World ixhumanile nabaphathi bakaKhuzani bathi uthe ngeke aphawule ngalolu daba “ngoba akafuni ukunaka izinto ezimbuyisela emuva”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com