Izindaba

Iqophamlando kuvulwa amahhovisi omvikeli womphakathi oLundi

UMPHATHISWA womnyango wezokubusa ngokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMfu. Thulasizwe Buthelezi kuthe ngoLwesine, mhlaka-27 Lwezi (November) 2025 wasayina iqophamlando lesivumelwano nomvikeli womphakathi u-Adv. Kholeka Gcaleka sokuletha amahhovisi akhe oLundi.

Ukulethwa kwamahhovisi omvikeli womphakathi oLundi azoba sezindlini ezindala zesishayamthetho saKwaZulu-Natali kuhlonzwe njengeqhingasu eliyigxathu eliyaphambili ekusondezeni ezobulungiswa eduze kwabantu basemakhaya. Abantu abazosizakala ngalamahhovisi abasezifundeni zako-King Cetshwayo, Zululand, Umkhanyakude, Umzinyathi nase Amajuba. ,

Umphathiswa uButhelezi ukwamukele ngezandla ezimhlophe ukulethwa kwalamahhovisi futhi wakuchaza ngenqubekela phambili ekugcineni amalungelo emiphakathi nasekuqinisweni ukulethwa kwentuthuko.

“Lolu hlelo lusondeza uhulumeni eduze kwabantu futhi lujulisa isibopho sethu sokusebenza ngokusobala futhi sibike”, kusho uButhelezi.

Ihhovisi lomvikeli womphakathi libamba iqhaza elikhulu ekuphenyeni ngezikhalo zokungasebenzi kahle kwezinhlaka zombuso futhi liqinisekisa ukuphatha okuhle. Umkhaya.co.za

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com