Kunuka santungwana kuSiya Kolisi nentokazi eyi-Dutch, uRachel John
I-VIDEO esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa umdlali weqembu lombhoxo kuleli, uSiya Kolisi nentokazi eyi-Dutch, u-Rachel John isiyenze abantu baqagela ukuthi kungenzeka ukuthi lomdlali usezitholele uthando olusha.
Kule-video uKolisi noRachel babonakala benamathelene bebuka umdlalo we-tennis i-Pala Alpitour obungoMgqibelo eTurin e-Italy. Eduze kwabo kukhona u-Eben Etzebeth, RG Snyman nonkosikazi kaSnyman uSaskia.
Banele ukubona le-video abantu baqala ukuqagela ukuthi kungenzeka laba basebudlelwaneni bothando.
Uma iqhubeka le-video efakwe ku-X, uRachel ubuye abonakale encika kuKolisi uma ekhuluma naye futhi bebonakala bezikhululekele ngesikhathi abanye abahleli nabo bethokozela umdlalo.
Enye i-video ibakhombisa bedansela umthwebuli obeqopha obekwenzeka, nokuyikho okuqede ukuqagela kubantu. Abaningi benelisekile ngabebekucabanga ukuthi nebala lokhu akubona ukungani nje kodwa kungaphezu kwalokho.

Esithombeni: USiya Kolisi ebonakala nentokazi eyi-Dutch uRachel John emdlalweni we-tennis i-Pala Alpitour e-Turin e-Italy
Umlandeli kaKolisi @peachesrobyn ubhale ku-X wathi: “Ubani lo ohlezi eduze kukaSiya?👀” Omunye @RayMaboya uthe “Yoo… ubani onoSiya?🙆🤦”
Selokhu uKolisi ahlukana nomkakhe kuningi ukulangazelela ukwazi kubantu ukuthi yini eyenzeka empilweni yakhe. Uma bembona enowesifazane kuphakama izinhlonzi abantu beqagela.
Njengoba bobabili uKolisi noRachel bengakaze bethi vu ngokubonakala kwabo ndawonye, abantu basazicabangela abakuthandayo.
UMKHAYA uthole ukuthi uRachel ungumbhali wencwadi ethi Gelukking Heb Ik ADHD (Fortunately, I Have ADHD). Uneminyaka engamashumi amabili nane (24) futhi ulandelwa zinkumbi zabantu emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana lapho abhala khona kakhulu ngokunakekelwa kwabantu, ezokuvakasha nokuzivocavoca.
Uchitha isikhathi sakhe esiningi edlala imidlalo efana nesibhakela, ukubhukuda futhi efundisa ngokudla okunempilo. Ungumuntu futhi ochitha isikhathi esiningi e-Amsterdam naseNingizimu Afrika.
Uzalwa umama oyiDutch bese ubaba wakhe abe ngowaseNigeria okumenza abe nothando lwabantu base-Afrika.
Ufike okokuqala kuleli ngo-2021 ngesikhathi eshiya izwe lakhe efuna ukushawa umoya. Lapha kungesikhathi exinwe kabi isifo esibizwa nge-ADHD abezama ukulwa naso njengoba bese siholele ekutheni angadla futhi exinwe nawukhwantalala.
Unenhlangano esiza izingane ezintulayo zaseNingizimu Afrika. Muva nje usanda kuqoqa imali ezomsiza ukwakha indawo yokuhlala yezingane futhi usafuna abaxhasi ukwenza lomsebenzi omkhulu kangaka okuyiwo odonse iso likaSiya Kolisi

