EZISEMATHENIIzindaba

Kuboshwe iphoyisa elibulale umyeni walo ngesihluku emuva kokulifica emzini wenyanga

U-SERGEANT Kate Lindiwe Hlongwane (45) obesebenza esiteshini samaphoyisa eDube uboshwe ngecala lokubulala ngesihluku umyeni wakhe, uRussell Hlongwane (40) abanezingane ezintathu (3) naye.

Ngokwamaphepha asenkantolo, i-Pretoria High Court ngezikhathi zantambama mhlaka-27 Masingana (January) 2025 uHlongwane wabona kwi-tracker ukuthi imoto yasekhaya isendaweni eyingozi. Uphuthume walandela umkhombandlela we-tracker waze wamfikisa emzini wenyanga oseSoshanguve, eTshwane. Ube esethola imoto kaLindiwe ipakwe egcekeni lale nyanga wambuza ukuthi ufunani la kwaba ukuxabana kwabo.

UHlongwane ube eseyalela uLindiwe ukuthi kabuyele emuva. Babe sebebuyela emuva ekhaya labo eliseSoshanguve Extension 7 ngokuhlukana. Ekufikeni kwabo ekhaya iqale phansi ingxabano nokuyilapho uLindiwe ekhiphe khona isibhamu somsebenzi wadubula uHlongwane.

Umsizi wabo ohlala ngaphakathi uphuthume eyobheka ukuthi siqhumaphi isibhamu wahlangana noLindiwe, wambuza ukuthi kwenzenjani kodwa wangayithola impendulo. Ube eseya esangweni wafica uHlongwane elimele, kwaqhamuka umakhelwane naye ozwe kuqhuma isibhamu bamthatha uHlongwane bamphuthumisa esibhedlela ngeshwa washonela endleleni. Umkhaya.co.za

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com